Novemba 19-25
IZENZO 4-5
INgoma 73 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (3 imiz. noma ngaphansi)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Baqhubeka Bekhuluma IZwi LikaNkulunkulu Ngesibindi”: (10 imiz.)
IzE 4:5-13—Nakuba uPetru noJohane babengabantu ‘abangafundile nabavamile,’ abazange besabe ukuvikela ukholo lwabo phambi kwababusi nababhali (w08 9/1 15, ibhokisi; w08 5/15 30 ¶6)
IzE 4:18-20—UPetru noJohane benqaba ukuyeka ukushumayela ngisho nalapho besongelwa
IzE 4:23-31—AmaKristu ekhulu lokuqala ancika emoyeni kaJehova ongcwele ukuze abe nesibindi (it-1-E 128 ¶3)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (8 imiz.)
IzE 4:11—Kungayiphi indlela uJesu ‘eyitshe legumbi eliyinhloko’? (it-1-E 514 ¶4)
IzE 5:1—Kungani u-Ananiya noSafira bathengisa enye yendawo yabo? (w13 3/1 15 ¶4)
Ukufundwa kweBhayibheli kwaleli sonto kukufundiseni ngoJehova?
Iyiphi enye ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) IzE 5:27-42
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Lapho Nixoxa Okokuqala: (2 imiz. noma ngaphansi) Qala ngokusebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Umuntu uphikisa ngendlela evamile endaweni yangakini.
Lapho Ubuyela Okokuqala: (3 imiz. noma ngaphansi) Qala ngokusebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Umuntu ukutshela ukuthi akasonti.
Ividiyo Ebonisa Lapho Ubuyela Okwesibili: (5 imiz.) Dlala ividiyo bese nixoxa ngayo.
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“Izinzuzo Zokushumayela Ngezinqola Emhlabeni Wonke”: (15 imiz.) Ingxoxo esingathwa umbonisi wenkonzo. Dlala ividiyo. Uma ibandla lihlanganyela ekushumayeleni ngetafula noma ngenqola, ungazibonisa izilaleli ukuthi linjani. Chaza amalungiselelo ebandla. Uma isikhathi sivuma, xoxa noma wenze umboniso wokuthile okuhle okwenzekile ensimini yenu. Chaza indlela abamemezeli abangahlanganyela ngayo kule nkonzo.
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) lv 16 ¶9-14 namakh. 192-193
Ukubukeza Okulandelwa Amabal’ engwe Angesonto Elizayo (3 imiz.)
INgoma 64 Nomthandazo