Novemba 12-18
IZENZO 1-3
INgoma 104 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (3 imiz. noma ngaphansi)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Umoya Ongcwele Uthululelwa Ebandleni LobuKristu”: (10 imiz.)
[Dlala ividiyo ethi Isethulo SezEnzo.]
IzE 2:1-8, 14, 37, 38, 41—Ngemva kokuthola umoya ongcwele, abafundi bakaJesu banikeza ubufakazi obabangela ukuba kubhapathizwe abantu abangu-3 000
IzE 2:42-47—Abafundi bakaJesu babonisa umoya wokupha nowokungenisa izihambi ngokuvumela abantu ababesanda kubhapathizwa, ababevakashile ukuba bahlale isikhathi esijana eJerusalema futhi kuqiniswe ukholo lwabo (w86 12/1 29 ¶4-5, 7)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (8 imiz.)
IzE 3:15—Kungani uJesu ebizwa ngokuthi “uMmeli Oyinhloko wokuphila”? (it-2-E 61 ¶1)
IzE 3:19—Leli vesi liyichaza kanjani indlela uJehova athethelela ngayo izoni eziphendukayo? (cl 265 ¶14)
Ukufundwa kweBhayibheli kwaleli sonto kukufundiseni ngoJehova?
Iyiphi enye ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) IzE 2:1-21
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Lapho Nixoxa Okokuqala: (2 imiz. noma ngaphansi) Sebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho.
Ividiyo Ebonisa Lapho Ubuyela Okokuqala: (5 imiz.) Dlala ividiyo bese nixoxa ngayo.
Inkulumo: (6 imiz. noma ngaphansi) it-1-E 129 ¶2-3—Isihloko: Kungani Kunomuntu Owangena Esikhundleni SikaJuda Kodwa Kungekho Muntu Owangena Esikhundleni Sabaphostoli Abafa Bethembekile?
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“Ukusebenza Ngokubambisana Lapho Kushunyayelwa Ensimini Enezilimi Ezehlukahlukene”: (15 imiz.) Ingxoxo esingathwa umbonisi wenkonzo. Dlala ividiyo bese nixoxa ngayo. Chaza amalungiselelo ebandla okusebenza insimu enezilimi ezehlukahlukene.
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) lv isahl. 16 ¶1-8
Ukubukeza Okulandelwa Amabal’ engwe Angesonto Elizayo (3 imiz.)
INgoma 68 Nomthandazo