Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb18 Agasti k. 3
  • Khumbula UmkaLoti

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Khumbula UmkaLoti
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2018
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Khumbula UmkaLoti
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • UmkaLoti Wabheka Emuva
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Lungiselela Ukukhululelwa Ezweni Elisha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Isiqalo Esinzima—Isiphetho Esicebile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2018
mwb18 Agasti k. 3
UmkaLoti ubheka emuva eSodoma futhi uphenduka insika kasawoti

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Khumbula UmkaLoti

Kungani umkaLoti abheka emuva lapho ebaleka eSodoma? IBhayibheli alisho. (Gen 19:17, 26) Umongo wesixwayiso sikaJesu uyabonisa ukuthi kungenzeka wayesafisa izinto ayezishiye emuva. (Luka 17:31, 32) Singakugwema kanjani ukulahlekelwa umusa kaNkulunkulu njengomkaLoti? Akufanele sivumele izinto zaleli zwe ezizosenza siphile ntofontofo kube izona eziza kuqala ekuphileni kwethu. (Math 6:33) UJesu wafundisa ukuthi ‘asikwazi ukuba yizikhonzi zikaNkulunkulu nezeNgcebo.’ (Math 6:24) Kodwa kuthiwani uma sesibona ukuthi izinto esinazo seziqala ukusiphazamisa ekwenzeni izinto ezizosisondeza kuJehova? Singathandaza kuJehova sicele ukuhlakanipha ukuze sibone ukuthi yikuphi lapho okudingeka senze khona ushintsho, sithandazele nesibindi namandla okulwenza.

BUKELA IVIDIYO ENEZINGXENYE EZINTATHU ETHI KHUMBULA UMKALOTI, BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:

  • U-Anna usemsebenzini; uGloria nomalume wakhe; uBrian noGloria bayathandaza

    Ngingabonisa kanjani ngezenzo ukuthi ‘ngiyamkhumbula umkaLoti’?

    Ingcindezi yokufuna ukuba nemali eningi yayithonya kanjani indlela uGloria ayecabanga ngayo, ayekukhuluma ngayo nayenza ngayo izinto?

  • Isibonelo somkaLoti siyisixwayiso kanjani kithi namuhla?

  • Ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli kwamsiza kanjani uJoe nomndeni wakhe?

  • Abangane u-Anna ayesebenza nabo bamqhelelanisa kanjani noJehova?

  • Kungani sidinga ukuba nesibindi lapho sicindezelwa ukuba sibheke imali njengebaluleke kunakho konke ekuphileni?

  • Yini uBrian noGloria abayenza ukuze baphinde bazibeke kuqala ekuphileni izinto ezizobasondeza kuNkulunkulu?

  • Iziphi izimiso zeBhayibheli ozibone ziqokonyiswa kule vidiyo?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela