Disemba 4-10
ZEFANIYA 1–HAGAYI 2
INgoma 151 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (3 imiz. noma ngaphansi)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Funani UJehova Ngaphambi Kosuku Lwentukuthelo Yakhe”: (10 imiz.)
[Dlala ividiyo ethi Isethulo SikaZefaniya.]
Zef 2:2, 3—Funani uJehova, funani ukulunga, funani ubumnene (w01 2/15 18-19 ¶5-7)
[Dlala ividiyo ethi Isethulo SikaHagayi.]
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (8 imiz.)
Zef 1:8—Isiphi isixwayiso esisithola kuleli vesi? (w07 11/15 11 ¶3)
Hag 2:9—Inkazimulo yethempeli likaZerubhabhele inkulu kunethempeli likaSolomoni ngaziphi izindlela? (w07 12/1 9 ¶2)
Ukufundwa kweBhayibheli kwaleli sonto kukufundiseni ngoJehova?
Iyiphi enye ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) Hag 2:1-14
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Lungiselela Izintshumayelo Zale Nyanga: (15 imiz.) Ingxoxo esekelwe kwesithi “Izintshumayelo Ezisikiselwe.” Dlala ividiyo ngayinye yentshumayelo, bese nixoxa ngokuvelele kuyo. Khuthaza abamemezeli ukuba bayisakaze kabanzi i-Phaphama! No. 6 2017. Noma kunjalo, ngenxa yokuthi sifisa ukuxoxa nabantu ngokuqondile, akumelwe siwushiye lo magazine uma kungekho muntu ekhaya.
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Izidingo Zebandla: (5 imiz.)
Ulimi Oluhlanzekile Lwenza Kube Nokuthula Nobunye (Zef 3:9): (10 imiz.) Ingxoxo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-Agasti 15, 2012, ikhasi 12, isigaba 4. Dlala ividiyo ethi Babeyizitha, Baphenduka Abangane.
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) kr isahl. 22 ¶8-16
Ukubukeza Okulandelwa Amabal’ engwe Angesonto Elizayo (3 imiz.)
INgoma 136 Nomthandazo