Julayi 10-16
HEZEKELI 15-17
INgoma 11 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (3 imiz. noma ngaphansi)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Uyazigcina Yini Izithembiso Zakho?”: (10 imiz.)
Hez 17:1-4—IBhabhiloni labeka uZedekiya esikhundleni seNkosi uJehoyakini (w07 7/1 12 ¶6)
Hez 17:7, 15—UZedekiya waphula isifungo sokuba qotho kwabaseBhabhiloni ngokufuna usizo emabuthweni aseGibhithe (w07 7/1 12 ¶6)
Hez 17:18, 19—UJehova wayelindele ukuba uZedekiya asigcine isifungo sakhe (w12 10/15 30 ¶11; w88 9/15 17 ¶8)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (8 imiz.)
Hez 16:60—Siyini “isivumelwano esimi kuze kube nini nanini,” futhi obani abayingxenye yaso? (w88 9/15 17 ¶7)
Hez 17:22, 23—Ubani ‘oyihlumela elithambile’ uJehova ayezolitshala? (w07 7/1 12 ¶6)
Ukufundwa kweBhayibheli kwaleli sonto kukufundiseni ngoJehova?
Iyiphi enye ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) Hez 16:28-42
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Ekuhambeleni Kokuqala: (2 imiz. noma ngaphansi) isembozoa se-wp17.4—Beka isisekelo sengxoxo elandelayo.
Empindelweni: (4 imiz. noma ngaphansi) isembozo se-wp17.4—Yethula i-video ethi Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli? bese nixoxa ngayo kodwa ungayidlali.
Esifundweni SeBhayibheli: (6 imiz. noma ngaphansi) fg isifundo 11 ¶1-2—Memela umuntu emhlanganweni webandla.
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Gcina Isifungo Sakho Somshado Ngisho Nalapho Udumazekile Ngomshado Wakho: (10 imiz.) Inkulumo ebekwa umdala esekelwe kuyi-Phaphama! kaMashi 2014, amakhasi 14-15.
Yiba Umngane KaJehova—Khuluma Iqiniso: (5 imiz.) Dlala i-video ethi Yiba Umngane KaJehova-Khuluma Iqiniso. Kamuva, cela izingane ozikhethile ukuba zize esiteji bese uzibuza imibuzo ngale video.
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) kr isahl. 15 ¶1-8
Ukubukeza Okulandelwa Amabal’ engwe Angesonto Elizayo (3 imiz.)
INgoma 137 Nomthandazo
a Elithi “isembozo” lapha lisho isihloko noma izihloko ezihambisana nendaba esemakhasini okuqala kamagazini.