Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb17 Juni k. 8
  • Kujabulele Ukushumayela Izindaba Ezinhle

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kujabulele Ukushumayela Izindaba Ezinhle
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2017
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Masishumayele Lezizindaba Ezinhle ZoMbuso
    Hubani Izindumiso ZikaJehova
  • “Hambani Niyokwenza Abantu Bazo Zonke Izizwe Babe Abafundi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Zishunyayelwa Kanjani Izindaba Ezinhle?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • ‘Ukuletha Izindaba Ezinhle Zokuthile Okungcono’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2017
mwb17 Juni k. 8

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Kujabulele Ukushumayela Izindaba Ezinhle

Wake wakuthola kunzima ukushumayela? Baningi kithi abangaphendula ngoyebo. Kungani? Kungenzeka ukuthi sivame ukuhlangana nabantu abangasilaleli noma abasiphikisayo ensimini, noma nje sesaba ukukhuluma nabantu esingabazi. Izimo ezinjalo zingasenza singayijabuleli kangako insimu. Kodwa sikhonza uNkulunkulu ojabulayo ofuna sikujabulele ukumkhonza. (IHu 100:2; 1Thim 1:11) Iziphi izizathu ezintathu okufanele zisenze sikujabulele ukushumayela?

Okokuqala, sishumayela umyalezo onika ithemba. Nakuba umphakathi uya uphelelwa ithemba, thina singagcwalisa izinhliziyo zabantu ‘ngezindaba ezinhle zokuthile okungcono.’ (Isaya 52:7) Izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu zingasenza nathi sijabule. Ngaphambi kokuya ensimini, zindla ngezibusiso uMbuso kaNkulunkulu ozoziletha emhlabeni.

Okwesibili, izindaba ezinhle esizishumayelayo ziyabavikela abantu, zithuthukise nobuhlobo babo noNkulunkulu. Zibafundisa izindlela zokulahla imikhuba elimazayo futhi zibabeke ethubeni lokuthola ukuphila okuphakade. (Isaya 48:17, 18; Ro 1:16) Singazibheka njengabantu abenza umsebenzi wokucinga nokutakula. Nakuba abanye abantu bengafuni ukutakulwa, siyaqhubeka sibacinga labo abafunayo.—Math 10:11-14.

Okwesithathu, okuyisizathu esibaluleke kakhulu, uma sishumayela sidumisa uJehova. Uwazisa kakhulu umsebenzi wethu wokufakaza. (Isaya 43:10; Heb 6:10) Ngaphezu kwalokho, usinika umoya ongcwele ngesandla esivulekile ukuze sikwazi ukuwufeza lo msebenzi. Ngakho, cela uJehova ukuba akuphe injabulo, eyisithelo somoya ongcwele. (Gal 5:22) Ngosizo lwakhe, singakunqoba ukwesaba, sishumayele ngesibindi. (IzE 4:31) Ngokwenza kanjalo, sizowujabulela umsebenzi wethu wokushumayela ngisho noma abantu bengasamukela ngezindlela ezingafani.—Hez 3:3.

Ummemezeli ojabulayo nongajabule ensimini

Imuphi umoya ofisa ukuba nawo lapho usensimini? Ungabonisa kanjani ukuthi uyakujabulela ukushumayela?

BUKA I-VIDEO ETHI PHINDE UTHOLE INJABULO NGOKUTADISHA NOKUZINDLA, BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:

  • Naphezu kokuba sishumayela amahora amaningi ensimini inyanga ngayinye, kungani ukutadisha iBhayibheli ngobuqotho kufanele kuze kuqala?

  • Singamlingisa kanjani uMariya?

  • Isiphi isikhathi osibekele eceleni ukuze uzindle ngeZwi likaNkulunkulu?

  • Yini ekujabulisa kakhulu lapho ushumayela izindaba ezinhle?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela