June 5-11
JEREMIYA 51-52
INgoma 37 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (3 imiz. noma ngaphansi)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“IZwi LikaJehova Ligcwaliseka Ngokuphelele”: (10 imiz.)
Jer 51:11, 28—UJehova wabikezela ukuthi ubani owayezonqoba iBhabhiloni (it-2-E 360 ¶2-3)
Jer 51:30—UJehova wabikezela ukuthi iBhabhiloni lalingeke lilwe lapho lihlaselwa (it-2-E 459 ¶4)
Jer 51:37, 62—UJehova wabikezela ukuthi iBhabhiloni lalizogcina lingahlali muntu (it-1-E 237 ¶1)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (8 imiz.)
Jer 51:25—Kungani kuthiwa iBhabhiloni ‘liyintaba echithayo’? (it-2-E 444 ¶9)
Jer 51:42—Kubonakala sengathi luyini ‘ulwandle olwaluyokhuphukela’ eBhabhiloni? (it-2-E 882 ¶3)
Ukufundwa kweBhayibheli kwaleli sonto kukufundiseni ngoJehova?
Iyiphi enye ingcebo engokomoya oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) Jer 51:1-11
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Lungiselela Izintshumayelo Zale Nyanga: (15 imiz.) Ingxoxo esekelwe kwesithi “Izintshumayelo Ezisikiselwe.” Dlala i-video ngayinye yentshumayelo, bese nixoxa ngokuvelele kuyo. Khuthaza abamemezeli ukuba babonise umninikhaya lokho okusengosini yethu ethi jw.org ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > USIZO LOMNDENI.
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“Uzithemba Kangakanani Izithembiso ZikaJehova?”: (15 imiz.) Imibuzo nezimpendulo. Bakhuthaze bonke ukuba bazijwayeze ukuxoxa ngeziprofetho zeBhayibheli ukuze baqinisane okholweni.—Ro 1:11, 12.
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) kr isahl. 13 ¶24-32
Ukubukeza Okulandelwa Amabal’ engwe Angesonto Elizayo (3 imiz.)
INgoma 49 Nomthandazo