May 1-7
JEREMIYA 32-34
INgoma 138 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (3 imiz. noma ngaphansi)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Isibonakaliso Sokuthi U-Israyeli Wayeyobuyiselwa”: (10 imiz.)
Jer 32:6-9, 15—UJehova wayala uJeremiya ukuba athenge insimu, okwakuyoba isibonakaliso sokuthi uJehova wayeyombuyisela u-Israyeli (it-1-E 105 ¶2)
Jer 32:10-12—UJeremiya wenza zonke izinto ngendlela engokomthetho lapho ethenga (w07 3/15 11 ¶3)
Jer 33:7, 8—UJehova wathembisa ‘ukuzihlanza’ izithunjwa (jr 152 ¶22-23)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (8 imiz.)
Jer 33:15—Ubani “ihlumela” likaDavide? (jr 173 ¶10)
Jer 33:23, 24—Imiphi le “mindeni emibili” okukhulunywa ngayo lapha? (w07 3/15 11 ¶4)
Ukufundwa kweBhayibheli kwaleli sonto kukufundiseni ngoJehova?
Iyiphi enye ingcebo engokomoya oyithole ezahlukweni zeBhayibheli zaleli sonto?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) Jer 32:1-12
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Lungiselela Izintshumayelo Zale Nyanga: (15 imiz.) Ingxoxo esekelwe kwesithi “Izintshumayelo Ezisikiselwe.” Dlala i-video ngayinye yentshumayelo, bese nixoxa ngokuvelele kuyo. Bakhuthaze bonke ukuba bayisebenzise kahle i-video yokwethula incwajana ethi Umndeni Wakho Ungajabula lapho behambisa le ncwajana.
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Izidingo Zebandla: (15 imiz.) Noma ningase nikhethe ukuxoxa ngezifundo ezitholakala kuyi-Ncwadi Yonyaka. (yb16 67-72)
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) kr isahl. 12 ¶1-8, nebhokisi elithi “Wakwamukela Ngokuthobeka Ukulungiswa”
Ukubukeza Okulandelwa Amabal’ engwe Angesonto Elizayo (3 imiz.)
INgoma 23 Nomthandazo