AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | JEREMIYA 25-28
Yiba Nesibindi NjengoJeremiya
UJeremiya waxwayisa ngokuthi iJerusalema lalizoba incithakalo njengeShilo
Umphongolo wesivumelwano, owawumelela ukuba khona kukaJehova, wake wagcinwa eShilo
UJehova wawavumela amaFilisti ukuba athumbe uMphongolo futhi awuphindanga wabuyiselwa eShilo
Abapristi, abaprofethi nabo bonke abantu basongela ukubulala uJeremiya
Abantu bambamba uJeremiya ngenxa yokuprofetha ngokumelene neJerusalema nethempeli
UJeremiya akazange aphele amandla abaleke
UJehova wamvikela uJeremiya
UJeremiya waqhubeka enesibindi futhi uJehova akazange amshiye
UNkulunkulu washukumisela u-Ahikamu onesibindi ukuba avikele uJeremiya
Ngokusekelwa nokukhuthazwa nguJehova, uJeremiya wakwazi ukumemezela umyalezo ongathandeki iminyaka engu-40