UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukukhuthaza Abalithandayo Iqiniso Ukuba Babe Khona Emihlanganweni Yebandla
OKWENZA KUBALULEKE: Imihlangano isinika njalo amathuba ‘okuhlabelelela uJehova’ futhi ‘simdumise.’ (IHu 149:1) Emihlanganweni, sifundiswa ukwenza intando kaNkulunkulu. (IHu 143:10) Ngokuvamile, labo abalithandayo iqiniso nesifunda nabo iBhayibheli bathuthuka ngokushesha lapho beqala ukuba khona emihlanganweni yebandla.
INDLELA YOKUKWENZA:
Shesha ukummema. Akudingeki ulinde uze uqale isifundo seBhayibheli.—IsAm 22:17
Mchazele lowo othanda iqiniso ukuthi yini angayilindela emihlanganweni yebandla nokuthi kuzoxoxwa ngani ngokuzayo. Nakhu okungasiza kulokhu: isimemo semihlangano yebandla, i-video ethi Kwenziwani EHholo LoMbuso?, nesifundo 5 no- 7 sencwajana ethi Intando KaJehova
Msize. Ingabe lowo othanda iqiniso udinga into yokuhamba noma usizo ekukhetheni izingubo ezifanelekayo? Hlala naye esifundweni, ufunde naye lokho okufundwayo. Methule kwabanye