AMAGUGU AVELA EZWINI LIKANKULUNKULU | AMAHUBO 60-68
Dumisa UJehova, UMuzwi Womthandazo
Thandaza ngokuqondene nezithembiso zakho kuJehova
Ukuthandaza ngokuqondene nezithembiso zethu kuyosenza sizimisele nakakhulu ukuzigcina
Ukuzinikezela kwethu kuNkulunkulu kuyisithembiso esibaluleke kunazo zonke esingazenza
UHana
Bonisa ukuthi uyamethemba uJehova ngokuthululela kuye isifuba sakho ngomthandazo
Umthandazo onenjongo uveza imizwa yethu ejulile
Uma imithandazo yethu ikugagula esikuqondile, sisheshe sibone lapho uJehova esiphendula
UJesu
UJehova unguMuzwi womthandazo kubo bonke abanhliziyo zilungile
UJehova ulalela “abantu bayo yonke inyama [noma inhlobo]” abafuna ngobuqotho ukumazi nokwenza intando yakhe
Singathandaza noma nini kuJehova
UKorneliyu
Izinto engifuna ukuzifaka emithandazweni yami.