AMAGUGU AVELA EZWINI LIKANKULUNKULU | AMAHUBO 1-10
Ukuze Sibe Nokuthula NoJehova Kudingeka Sihloniphe INdodana Yakhe, UJesu
Kwakuprofethiwe ukuthi ababusi bayoba nobutha noJehova noJesu
Kwakuprofethiwe ukuthi izizwe zazingeke zilamukele igunya likaJesu kodwa zaziyoqokomisa elazo
Lesi siprofetho sagcwaliseka ngesikhathi uJesu esemhlabeni futhi namuhla sigcwaliseka ngezinga elikhulu
Umhubi uthi izizwe zivungazela into eyize, okusho ukuthi injongo yazo iyize futhi iyobhuntsha nakanjani
Yilabo kuphela abahlonipha iNkosi kaJehova egcotshiwe abayothola ukuphila
Bonke abaphikisa iNkosi enguMesiya bazobhujiswa
Ngokuhlonipha iNdodana, uJesu, abantu bangathola ukulondeka nokuthula