February 1-7
NEHEMIYA 1-4
INgoma 126 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (3 imiz. noma ngaphansi)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“UNehemiya Wayekuthanda Ukukhulekela Kweqiniso”: (10 imiz.)
[Dlala i-video ethi Isethulo SikaNehemiya.]
Neh 1:11–2:3—Injabulo kaNehemiya yayibangelwa ukuthi wayethuthukisa ukukhulekela kweqiniso (w06 2/1 9 ¶7)
Neh 4:14—UNehemiya wanqoba ukuphikiswa kokukhulekela kweqiniso ngokugxila kuJehova (w06 2/1 10 ¶4)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (8 imiz.)
Neh 1:1; 2:1—Yini esenza siphethe ngokuthi ‘unyaka wamashumi amabili’ okukhulunywa ngawo kuNehemiya 1:1 ubalwa kuqalwa esikhathini esifanayo nalowo okukhulunywa ngawo kuNehemiya 2:1? (it-2 899-900)
Neh 4:17, 18—Umsebenzi wokwakha kabusha udonga wawungenziwa kanjani ngesandla esisodwa? (w06 2/1 9 ¶1)
Ukufundwa kweBhayibheli kwaleli sonto kungifundisani ngoJehova?
Yimaphi amaphuzu asekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto engingawasebenzisa enkonzweni yasensimini?
Ukufundwa KweBhayibheli: Neh 3:1-14 (4 imiz. noma ngaphansi)
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Lungiselela Izintshumayelo Zale Nyanga: (15 imiz.) Ingxoxo. Dlala i-video yentshumayelo ngayinye esikiselwe, bese nixoxa ngokuvelele kuyo. Gcizelela indlela ummemezeli abeke ngayo isisekelo sempindelo. Khuthaza abamemezeli ukuba bazakhele ezabo izintshumayelo.
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Hlela Manje Ukukhonza Njengephayona Elisizayo Ngo-March Noma Ngo-April: (15 imiz.) Ingxoxo. Xoxa ngamaphuzu afanelekayo asesihlokweni esithi “Yenza Le Nkathi YeSikhumbuzo Ibe Ejabulisayo!” (km 2/14 2) Gcizelela isidingo sokuhlela kusengaphambili. (IzA 21:5) Xoxa nabamemezeli ababili ababe amaphayona asizayo esikhathini esidlule. Yiziphi izithiyo okwadingeka bazinqobe? Iyiphi injabulo abayithola?
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: ia isahl. 8 ¶1-16 (30 imiz.)
Ukubukeza Okulandelwa Amabal’ engwe Angesonto Elizayo (3 imiz.)
INgoma 135 Nomthandazo