Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/15 k. 2
  • Ibhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ibhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusebenzisa I-Internet—Qaphela Izingozi!
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • I-Internet—Kungani Kufanele Uqaphele?
    I-Phaphama!—1997
  • Imisebenzi Nemithombo Yokwaziswa Ye-Internet
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2015
km 7/15 k. 2

Ibhokisi Lemibuzo

◼ Ingabe abamemezeli kufanele bachithe isikhathi eside kuyi-Internet ukuze bafakaze noma bafunde iBhayibheli nabantu abangabazi abakwamanye amazwe?

Abanye abamemezeli baye basebenzisa i-Internet ukuze bafune abantu abangafunda nabo iBhayibheli abahlala emazweni lapho umsebenzi wethu uvinjelwe khona noma anabamemezeli abambalwa. Ngezinye izikhathi kuba nemiphumela emihle. Nokho, kuba nezingozi lapho abamemezeli bethumelelana nabantu abangabazi ama-e-mail noma bexoxa nabo ezingosini zengevu. (Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-July 2007, k. 3.) Nakuba injongo iwukuba abantu abanhliziyo ziqotho bathole izindaba ezinhle zoMbuso, izingxoxo ezinjalo zingenza umfowethu noma udadewethu axhumane nabantu ababi, kuhlanganise nezihlubuki. (1 Kor. 1:19-25; Kol. 2:8) Ngaphezu kwalokho, emazweni lapho umsebenzi wethu ubekelwe imingcele noma uvinjelwe khona, ukuxhumana kungase kuqashwe iziphathimandla. Lokho kuxhumana kungase kubeke abafowethu bakuleyo ndawo engozini. Ngakho-ke, abamemezeli akufanele basebenzise i-Internet ngenjongo yokufuna abantu bakwamanye amazwe ukuze baxoxe nabo ngezindaba ezinhle.

Ngaphandle kwalapho siqondiswe ihhovisi legatsha lendawo, uma sifakaza ngokwethukela kumuntu esingamazi ovakashile ovela kwelinye izwe, akufanele sizame ukuhlakulela isithakazelo ngemva kokuba esebuyele ekhaya. Kunalokho, singambonisa indlela angasebenzisa ngayo i-jw.org ukuze athole ukwaziswa okwengeziwe noma indlela angaxhumana ngayo nehhovisi legatsha lasezweni lakubo. Singabuye simkhuthaze ukuba aye eHholo LoMbuso langakubo. Kuyavunywa ukuthi awekho amaHholo OMbuso kwamanye amazwe. Nokho, uma efisa ukuhanjelwa oFakazi bangakubo, singambonisa ukuthi angasicela kanjani isifundo seBhayibheli ngokugcwalisa ifomu elithi Cela Isifundo SeBhayibheli Samahhala kuyi-jw.org. Ihhovisi legatsha elinakekela umsebenzi ezweni lowo muntu othakazelayo ahlala kulo liyazazi izimo zendawo futhi lingaba sesimweni esihle kakhulu sokumnikeza usizo olungokomoya.—Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-June 2014 k. 7 neka-November 2011 k. 2.

Uma umuntu manje esixoxa naye ngeBhayibheli ethuthela kwelinye izwe noma uma manje sitadisha iBhayibheli nomuntu ohlala kwelinye izwe esimazi nge-Internet kuphela, kufanele silandele isiqondiso okukhulunywe ngaso ngenhla. Nokho, singase siqhubeke sihlakulela isithakazelo kuze kube yilapho esexhumene nabamemezeli bangakubo. Noma kunjalo, uma ehlala ezweni umsebenzi wethu obekelwe imingcele noma ovinjelwe kulo, kufanele kuqashwe kakhudlwana lapho kuxoxwa naye ngeBhayibheli, kungaba ngezincwadi, ucingo noma ngezinto zobuchwepheshe.—Math. 10:16.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela