IZaziso
◼ Isipho sango-December: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? nanoma imaphi amapheshana ibandla okungenzeka linawo esitokweni. Amabandla anamapheshana amadala kufanele azikhandle ukuze awahambise futhi angawagcini esitokweni. Ngo-January nango-February: Hambisani enye yalezi zincwajana ezinamakhasi angu-32: Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!, Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade, Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade—Ingabe Usuyitholile? Ngo-March nango-April: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!
◼ ISikhumbuzo sango-2016 sizoba ngoLwesithathu, March 23, 2016.
◼ Kusukela ngo-January 1, 2015, ilungiselelo lokuba amabandla asebenzise uMgqibelo wokuqala wenyanga ngayinye ukuze aqale izifundo zeBhayibheli lizoqedwa. Kunalokho, abamemezeli bangahambisa omagazini njengoba benza ngeminye iMigqibelo. Singacela izifundo zeBhayibheli noma nini phakathi nenyanga, sisebenzisa omagazini noma ezinye izincwadi.