Landelela Ngokushesha
Kusukela kwathuthukiswa ingosi yethu, izicelo zezifundo zeBhayibheli kuyi-Internet ziye zanda kakhulu. Kube khona nezinye izicelo ezivela kulabo abasebenzisa izindlela ezintsha zokufakaza obala. Ihhovisi legatsha lizilandelela ngokushesha lezi zicelo. Ngokwesibonelo, uma isicelo sithunyelwe kuyi-jw.org, ngokuvamile abadala ensimini yalowo muntu othakazelayo bathola umyalezo ovela ehhovisi legatsha ngemva nje kwezinsuku ezimbili. Nokho, umbiko ovela ensimini ubonisa ukuthi abanye bacela isifundo seBhayibheli bese kuphela amasonto amaningana bengavakashelwa. Yini esingayenza ukuze siqinisekise ukuthi umuntu uyaluthola usizo ngaphambi kokuba isithakazelo siphele?—Marku 4:14, 15.
Uma uthola umuntu onesithakazelo ongahlali ensimini yakini, gcwalisa ngokushesha ifomu elithi Siza Ulandelele (S-43) bese ulinikeza unobhala emhlanganweni olandelayo enizoba nawo. Kungakapheli usuku noma izinsuku ezimbili, unobhala kufanele alithumele ebandleni lensimu yalowo muntu noma alithumele ehhovisi legatsha esebenzisa ingxenye ethi Congregation kuyi-jw.org. Abadala kufanele bayihlole njalo le ngosi. Uma bethola umyalezo wokuba bavakashele umuntu othile, kufanele baye kuye ngokushesha. Noma imuphi ummemezeli ocelwa ukuba aye kulowo muntu kufanele aphuthume aye kuye. Uma lowo muntu engekho ekhaya, mhlawumbe ungashiya ipheshana elinemininingwane yakho.