Indlela Yokusiza Labo Abangakwazi Ukufunda
1. Iyiphi inselele elethwa ukufundisa abantu abangakwazi ukufunda iBhayibheli?
1 Abaninikhaya abangakwazi ukufunda bangase babe nesithakazelo ezindabeni ezinhle kodwa babe namahloni okufunda iBhayibheli nezinye izincwadi. Ukushiyela abantu abanjalo incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli zisuka nje, kungase kungabi nemiphumela emihle. Singabasiza kanjani ngokomoya abanjalo? Siye sabuza abamemezeli abanokuhlangenwe nakho basemazweni angaphezu kuka-20 ukuthi bona benzani. Nakhu ukusikisela kwabo.
2. Yimaphi amathuluzi aphumelelayo ekusizeni umuntu ongakwazi ukufunda?
2 Uma umfundi ekuthola kunzima ukufunda noma engakwazi nhlobo, ungase uqale ngencwajana ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade. Elinye iphayona lase-United States limbonisa zombili lezi zincwajana umuntu bese limbuza ukuthi iyiphi okuzoba lula ngaye ukuyifunda. Ihhovisi legatsha eKenya libika ukuthi lezi zincwadi ziye zaba amathuluzi aphumelela kakhulu khona ngoba e-Afrika abantu bafundiswa ngezindaba ezilandiswayo, hhayi ngezingxoxo zemibuzo nezimpendulo. Nakuba umuntu ofundile engase ayithole ilula indlela yokufunda yemibuzo nezimpendulo, umuntu ongafundile ingase imenze angakhululeki. Uma umfundi ekwazi ukufunda ngokwezinga elithile, abamemezeli abaningi bathanda ukuqala ngencwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu! noma ethi Ungaba Umngane KaNkulunkulu! noma INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli.
3. Yikuphi ukuqonda okuyosisiza ukuba siphumelele ekufundiseni abantu abangakwazi nhlobo ukufunda?
3 Mncome: Abantu abangakwazi nhlobo ukufunda bangase babe namahloni, futhi abaningi bazizwa bengelutho. Ukubasiza bakhululeke ngokuvamile kuyisinyathelo sokuqala sokubafundisa iqiniso. Abantu abaningi abangakwazi ukufunda bahlakaniphile futhi banamakhanda alula. Bahloniphe futhi ungababukeli phansi. (1 Pet. 3:15) Bayoshukumiseleka ukuba baqhubeke nesifundo uma bebona ukuthi imizamo yabo ayipheleli emoyeni nokuthi bayathuthuka ngokomoya. Ngakho qhubeka ubancoma.
Abantu abangakwazi nhlobo ukufunda bangase babe namahloni, futhi abaningi bazizwa bengelutho. Ukubasiza bakhululeke ngokuvamile kuyisinyathelo sokuqala sokubafundisa iqiniso
4. Singabakhuthaza kanjani labo abangakwazi ukufunda kahle ukuba balungiselele?
4 Ngisho noma umfundi engakwazi ukufunda kahle, mkhuthaze ukuba alungiselele. Abanye abamemezeli eNingizimu Afrika bakhuthaza ababafundelayo ukuba bacele ilungu lomkhaya noma umngane okwazi ukufunda kahle ukuba abasize. Ummemezeli waseBrithani ukhuthaza izifundo zakhe ukuba zilungiselele ngokuzinika incwadi yakhe zifunde ngayo izigaba ezimbalwa phakathi nesifundo ukuze zibone ukuthi kulula kanjani ukuthola izimpendulo uma zidwetshelwe. Omunye umzalwane eNdiya ukhuthaza izifundo zakhe ukuba zibheke izithombe zesifundo esilandelayo futhi zizindle ngazo kusengaphambili.
5. Singasibonisa kanjani isineke lapho siqhuba isifundo?
5 Yiba Nesineke: Kungakhathaliseki ukuthi usebenzisa yiphi incwadi, gxila emaphuzwini ayinhloko, usize omfundelayo ukuba awaqonde kahle. Kungase kube ngcono ukuba nifunde imizuzu eyishumi kuya kwengu-15 uma nisaqala. Ungazami ukuba nifunde ukwaziswa okuningi kakhulu, mhlawumbe ningafunda izigaba ezimbalwa esifundweni ngasinye. Yiba nesineke uma umfundi efunda ngokunensa. Cishe uyoshukumiseleka ukuba athuthukise ikhono lakhe lokufunda njengoba eba nokwazisa ngoJehova. Ukuze usize isifundo sakho senze kanjalo, kuhle usimemele esifundweni zisuka nje.
6. Singabasiza kanjani abantu bafunde ukufunda?
6 Uma abafundi beBhayibheli befunda ukufunda, bayosheshe bathuthuke ngokomoya. (IHu. 1:1-3) Abaningi baye basiza izifundo zabo ngokusebenzisa incwadi ethi Funda Ukufunda Nokubhala imizuzu embalwa ngemva kwesifundo ngasinye. Uma umfundi ephelelwa amandla, mhlawumbe ungamkhuthaza ngokuphawula ezinye zezinto aye wakwazi ukufunda ukuzenza. Mqinisekise ngokuthi uJehova uyoyibusisa imizamo yakhe, umkhuthaze ukuba athandazele usizo. (IzAga 16:3; 1 Joh. 5:14, 15) Abanye abamemezeli eBrithani bakhuthaza izifundo zabo ukuba zizibekele imigomo efinyelelekayo nezozisiza zithuthuke—njengokwazi izinhlamvu zolimi, ukuthola nokufunda imibhalo nokufunda izincwadi zeBhayibheli ezenziwe lula. Ngokuvamile, ukusiza abantu bafunde ukufunda kuhlanganisa ukubashukumisela ukuba bafune ukufunda, hhayi nje ukubafundisa ukuthi kufundwa kanjani.
7. Kungani kungafanele sinqene ukubatshela iqiniso labo abangakwazi ukufunda?
7 UJehova akababukeli phansi abantu abangafundile. (Jobe 34:19) Uhlola inhliziyo yomuntu. (1 IziKr. 28:9) Ngakho unganqeni ukubatshela iqiniso labo abangakwazi ukufunda. Unamathuluzi amaningi amahle kakhulu ongawasebenzisa ekuqaleni. Ekugcineni, ningakwazi ukushintshela encwadini ethi Okufundiswa IBhayibheli ukuze umfundi ayiqonde ngokugcwele imiBhalo.