Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo kuzoxoxwa ngayo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-April 28, 2014.
Yini eyasiza uJosefa ukuba abalekele ukuziphatha kabi nomkaPotifari? (Gen. 39:7-12) [Mar. 3, w13 2/15 k. 4 isig. 6; w07 10/15 k. 23 isig. 16]
Kungayiphi indlela uJosefa eyisibonelo esihle kulabo ababhekene nokungabi nabulungisa kanye nezilingo? (Gen. 41:14, 39, 40) [Mar. 10, w04 1/15 k. 29 isig. 6; w04 6/1 k. 20 isig. 4]
Isiphi isizathu esasingenza ukuba uJosefa ababonise isihe abafowabo? [Mar. 17, w99 1/1 k. 30 izig. 6-7]
Isizwe sakwaBhenjamini sasigcwalisa kanjani isiprofetho esikuGenesise 49:27? [Mar. 24, w12 1/1 k. 29, ibhokisi]
U-Eksodusi 3:7-10 usifundisani ngoJehova? [Mar. 31, w09 3/1 k. 15 izig. 3-6]
UJehova wenza kanjani ngokuvumelana nesinye sezici zencazelo yegama lakhe ezinsukwini zikaMose? (Eks. 3:14, 15) [Mar. 31, w13 3/15 kk. 25-26 izig. 5-6]
Ngokuka-Eksodusi 7:1, uMose wenziwa kanjani ukuba abe “uNkulunkulu kuFaro”? [Apr. 7, w04 3/15 k. 25 isig. 7]
Naphezu kokubona amandla kaJehova asindisayo awasebenzisa lapho ebakhulula eGibhithe, yisiphi isimo sengqondo esaboniswa ama-Israyeli kamuva, futhi thina singafunda siphi isifundo? (Eks. 14:30, 31) [Apr. 14, w12 3/15 kk. 26-27 izig. 8-10]
Kungani amazwi athi “nginithwale ngamaphiko ezinkozi” eyibonisa kahle indlela enothando uJehova asebenzelana ngayo nesizwe sakwa-Israyeli esasisafufusa? (Eks. 19:4) [Apr. 28, w96 6/15 k. 10 isig. 5–k. 11 isig. 2]
Kwenzeka kanjani ukuba uJehova alethe “isijeziso sesiphambeko soyise” phezu kwezizukulwane ezilandelayo? (Eks. 20:5) [Apr. 28, w04 3/15 k. 27 isig. 1]