Ingosi Yethu Esemthethweni—Yisebenzise Enkonzweni Yakho
Khuthaza Abantu Ukuba Bayisebenzise: Abanye abamanqikanqika ukuxoxa nathi noma ukwamukela izincwadi, bangathanda ukuzihlolela ngasese ngoFakazi BakaJehova engosini ethi jw.org. Ngakho, batshele abantu ngale ngosi noma nini lapho ithuba livuma.
Phendula Imibuzo: Ngezinye izikhathi umninikhaya, umuntu othakazelayo noma enijwayelene naye uyofuna ukwazi okuthile ngoFakazi BakaJehova noma ngezinkolelo zethu. Vele umbonise impendulo ngaso leso sikhathi usebenzisa umshini wakho wobuchwepheshe noma i-computer. Ngokuvamile kungcono ukuyifunda ngokuqondile eBhayibhelini imiBhalo ekhonjiwe. Uma ungawuphethe umshini wobuchwepheshe one-Internet, mchazele lowo muntu ukuthi angayisebenzisa kanjani ingosi ethi jw.org ukuze azitholele impendulo.—Yiya engxenyeni ethi “Izimfundiso ZeBhayibheli/Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli noma ethi Mayelana Nathi/Imibuzo Evame Ukubuzwa.”
Thumelela Umuntu Owazana Naye Isihloko Noma Incwadi: Faka kuyi-e-mail i-PDF noma i-EPUB oyithathe engosini. Noma ukopishe incwadi elalelwayo engosini bese uyiqopha kuyi-CD. Njalo lapho unika umuntu ongabhapathiziwe incwadi ephelele, incwajana noma umagazini okuthathwe engosini, ungakubala embikweni wenkonzo. Lokhu kwaziswa akufanele kuthunyelwe ngendlela engabonisi ukuthi kuvela kubani noma kuthunyelwe ngobuningi. Akufanele futhi kufakwe kwenye ingosi ye-Internet.—Yiya engxenyeni ethi “Izincwadi.”
Babonise Izindaba Zamuva Eziphathelene NoFakazi BakaJehova: Lokhu kuyosiza abafundelwayo nabanye osuke ushumayela kubo ukuba baqaphele ukuthi umsebenzi wethu wenziwa emhlabeni wonke, baqaphele nobunye bethu bobuKristu. (IHu. 133:1)—Yiya engxenyeni ethi “Izindaba.”
[Umdwebo ekhasini 5]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Ake Ukuzame
1 Chofoza ingxenye ethi “Izincwadi,” bese ngaphansi kwayo uchofoza into ofuna ukuyithatha, ngemva kwalokho chofoza inkinobho yalokho okufunayo, kungaba okubhaliwe noma okulalelwayo.
2 Chofoza inkinobho ethi “MP3” ukuze kuvele uhlu lwezihloko. Yibe usuchofoza isihloko ukuze uzithathele sona noma ukuze usilalele kuyi-Internet.
3 Khetha olunye ulimi kulolu hlu uma ufuna ukuzithathela incwadi ngalolo limi.