IZaziso
◼ ISikhumbuzo ngo-2014 siyoba ngoMsombuluko, ngo-April 14.
◼ Isipho senyanga ngo-December: Hambisani ipheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? nanoma iliphi elinye ipheshana ibandla elinalo esitokweni. Lapho kuboniswe khona isithakazelo, bonisani ukuthi isifundo seBhayibheli siqhutshwa kanjani nisebenzisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli noma incwajana ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade. Ngo-January nango-February: Hambisani lezi zincwajana ezinamakhasi angu-32: IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?, Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade—Ingabe Usuyitholile? nethi Ungaba Umngane KaNkulunkulu! Lapho nenza izimpindelo, zamani ukuqala isifundo seBhayibheli nisebenzisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, noma uma kufaneleka ngokwezidingo zomuntu, nisebenzise incwajana ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade. Ngo-March nango-April: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho nenza izimpindelo, yethulani incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, noma uma kufaneleka ngokwezidingo zomuntu, incwajana ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade, bese nizama ukuqala isifundo seBhayibheli.