Sebenzisa Isingeniso Esiphumelelayo
1. Yini esingayifunda ezindleleni ezihlukahlukene amaKristu okuqala ayezisebenzisa?
1 AmaKristu okuqala ashumayela izindaba ezinhle kubantu bezizinda nezinkolo ezihlukahlukene. (Kol. 1:23) Nakuba isigijimi sasifana—uMbuso kaNkulunkulu—indlela ayeqala ngayo ingxoxo yayehluka kuye ngezilaleli. Ngokwesibonelo, lapho uPetru ekhuluma namaJuda ayeyihlonipha ngokujulile imiBhalo, waqala ingxoxo ngokucaphuna umprofethi uJoweli. (IzE. 2:14-17) Ngakolunye uhlangothi, phawula indlela uPawulu abonisana ngayo namaGreki njengoba ilotshwe encwadini yezEnzo 17:22-31. Namuhla, kwamanye amasimu abantu bayayihlonipha imiBhalo futhi singabhekisela ngokukhululekile eBhayibhelini njengoba sishumayela endlini ngendlu. Nokho, kungase kudingeke sisebenzise ukuqonda kakhudlwana lapho sikhuluma nabantu abangenasithakazelo eBhayibhelini noma enkolweni noma abasenkolweni engeyona eyobuKristu.
2. Singazisebenzisa kanjani izincwadi ezihanjiswayo ukuze sisize labo abalazisayo iBhayibheli nalabo abangalazisi?
2 Zisebenzise Kahle Izincwadi Ezihanjiswayo: Izincwadi ezizohanjiswa kulo nyaka wenkonzo zizoshintsha njalo ngemva kwezinyanga ezimbili futhi kuzogxilwa komagazini, amapheshana nezincwajana. Ngisho noma abantu ngokuvamile ensimini yethu bengenaso isithakazelo eBhayibhelini, sisengakwazi ukubanika okuthile okubathakazelisayo. Singase singawufundi umBhalo ekuhambeleni kokuqala noma singabhekiseli eBhayibhelini ngokuqondile, kodwa lapho kuboniswe khona isithakazelo singabuyela sinomgomo wokusiza umninikhaya ukuba abe nokholo kuMdali naseZwini lakhe eliphefumulelwe. Ngakolunye uhlangothi, uma sishumayela lapho abantu belazisa khona iBhayibheli, singasebenzisa izincwadi nesingeniso esihambisana nalokho. Empeleni singahambisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli noma incwajana ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade noma nini kungakhathaliseki ukuthi isipho saleyo nyanga siyini. Okubalulekile ukusebenzisa isingeniso esiphumelelayo.
3. Izinhliziyo zabantu ensimini yethu zifana kanjani nenhlabathi?
3 Lungisa Inhlabathi: Inhliziyo yomuntu ifana kakhulu nenhlabathi. (Luka 8:15) Olunye uhlobo lwenhlabathi ludinga ukulungiswa kakhudlwana ngaphambi kokuba imbewu yeqiniso leBhayibheli imile futhi ikhule. Abavangeli bekhulu lokuqala bahlwanyela ngokuphumelelayo kuzo zonke izinhlobo zenhlabathi futhi lokhu kwabalethela ukwaneliseka nenjabulo. (IzE. 13:48, 52) Nathi singaphumelela ngendlela efanayo uma siyinaka indlela esiqala ngayo ingxoxo.