Amazwibela Ombiko Wenkonzo
Wonke amazwe angaphansi kwegatsha laseNingizimu Afrika enza kahle kakhulu enkonzweni kaJehova phakathi nenyanga ka-March. Bangu-23 553 abamemezeli abahlanganyela enkonzweni yamaphayona asizayo. INamibia yafinyelela inani elisha eliphakeme lamaphayona asizayo angu-718. Kwabikwa amanani amasha aphakeme ezifundo zeBhayibheli: EBotswana 4 178, eNamibia 4 010, eNingizimu Afrika 131 165. IBotswana yabika inani eliphakeme labamemezeli abangu-2 121! Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukubona abantu bakaJehova ‘bematasa kakhulu ngezwi.’—IzEnzo 18:5.