IZaziso
◼ Isipho sango-July nango-August: Incwajana ethi Ungaba Umngane KaNkulunkulu! nethi Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade—Ingabe Usuyitholile? nanoma iyiphi enye incwajana ehanjiswa enkonzweni yasensimini ibandla elinayo esitokweni. Ngo-September nango-October: INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho wenza izimpindelo yethula incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli noma, kuye ngezidingo zomuntu, uma kufaneleka hambisa incwajana ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade.
◼ Ngo-August 1 kuzokhululwa i-CD ethi Sing to Jehovah—Vocal Renditions, Disc 5 engosini ethi jw.org ukuze niwathole. Izoqale ifakwe ngesiNgisi, bese kuthi kamuva kufakwe nezinye izilimi. Ningase nifake ama-oda ama-CD ebandleni lenu. Njengoba kushibhile ukukopisha amafayela engosini yethu kunokukhiqiza nokuthumela ama-CD, labo abakwaziyo ukuthatha amafayela bakhuthazwa ukuba benze njalo. Ama-CD 1-4 aseyatholakala kakade engosini.
◼ Isimiso somhlangano wenkonzo sangesonto elingaphambi kwelomhlangano wenu wesigodi singase sishintshwe ukuze nibukeze izeluleko nezikhumbuzo eziphathelene nomhlangano wesigodi. Ngemva kwenyanga noma ezimbili nibe nomhlangano wesigodi, ningasebenzisa ingxenye yezidingo zebandla ukuze nibukeze amaphuzu omhlangano wesigodi abamemezeli abawathole ewusizo enkonzweni.
◼ Noma nini lapho uhlela uhambo oluhlanganisa ukuya emhlanganweni wesigodi wakwelinye izwe, uyothola ukwaziswa okuwusizo engosini ethi jw.org ngokuvula ibhokisana elithi “Lookup” bese uchofoza ingxenye ethi “Conventions.”