Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/12 k. 1
  • Qaphani Lapho Nisenkonzweni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Qaphani Lapho Nisenkonzweni
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Ingabe Uyifeza Ngokugcwele Inkonzo Yakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Sebenzela Ukuphumelela Enkonzweni Yakho
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Izindlela Zokushumayela Izindaba Ezinhle
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
km 5/12 k. 1

Qaphani Lapho Nisenkonzweni

1. Kungani kudingeka siqaphe uma sisenkonzweni?

1 “Njengezimvu phakathi kwezimpisi,” izikhonzi zikaNkulunkulu zishumayela “phakathi kwesizukulwane esigwegwile nesisontekile.” (Math. 10:16; Fil. 2:15) Imibiko ekhathazayo yezinxushunxushu zomphakathi, udlame nokuthunjwa kwabantu okunesihluku isivamile, futhi lokhu kuwubufakazi bokuthi abantu ‘basuka kokubi baye kokubi kakhulu.’ (2 Thim. 3:13) Yiziphi izimiso zeBhayibheli esingazisebenzisa ukuze ‘sibe abaqaphile’ enkonzweni?—Math. 10:16.

2. Yiziphi izimo ezingenza kufaneleke ukushiya insimu yethu siyoshumayela kwenye indawo?

2 Yenza Ngokuqonda: IzAga 22:3 zigcizelela ukuhlakanipha ‘kokucashela’ inhlekelele. Hlala uphapheme! Izinto zingashintsha singalindele endaweni esiyazi njengephephile. Ungase ubone sekunamaphoyisa noma izixuku emgwaqweni. Ngezinye izikhathi umninikhaya onomusa angase akuxwayise. Kunokuba uqhubeke ukuleyo ndawo ngenxa yelukuluku lokwazi ukuthi kwenzekani, kuwukuhlakanipha ukuhamba ngaso leso sikhathi uye kwenye indawo.—IzAga 17:14; Joh. 8:59; 1 Thes. 4:11.

3. Sisebenza kanjani ensimini yethu isimiso esitholakala kumShumayeli 4:9?

3 Bambisanani: “Ababili bangcono kunoyedwa,” kusho UmShumayeli 4:9. Nakuba kungenzeka ukuthi ubusujwayele ukusebenza wedwa ngokuphepha ensimini, ingabe kusaphephile ukwenza kanjalo? Ezindaweni ezithile, kusaphephile. Kodwa kwezinye, akusaphephile manje ukuba udade noma umuntu osemusha asebenze yedwa endlini ngendlu, ikakhulukazi lapho sekuhlwile. Okuye kwenzeka kubonisa ukuthi kubaluleke kakhulu ukuhamba nothile oqaphile. (UmSh. 4:10, 12) Qiniseka ukuthi baphephile abanye ohamba nabo eqenjini. Kwenze umkhuba ukutshela abanye ukuthi usuyahamba.

4. Singakusebenzela kanjani ukuphepha kwabo bonke ebandleni?

4 Abadala banomthwalo wemfanelo wokunikeza iziqondiso zokuphepha ezihambisana nezimo zendawo, njengoba kuyibo ‘abaqapha imiphefumulo yethu.’ (Heb. 13:17) Nakanjani siyosithola isibusiso sikaJehova njengoba sibonisa isizotha sobuKristu futhi sibambisana ngokugcwele nabo. (Mika 6:8; 1 Kor. 10:12) Kwangathi zonke izikhonzi zikaNkulunkulu zingahlanganyela ekufakazeni ensimini yethu, kodwa ngokuqapha okufanele ngaso sonke isikhathi.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela