Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izocatshangelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-April 30, 2012. Kufakwe nosuku okuzoxoxwa ngalo ngephuzu ngalinye ukuze kwenziwe ucwaningo lapho kulungiselelwa isikole isonto ngalinye.
1. Kungani incwadi yeBhayibheli kaJeremiya isizuzisa? [Mar. 5, si k. 129 isig. 36]
2. UJehova angasikhulula kanjani namuhla lapho sishushiswa? (Jer. 1:8) [Mar. 5, w05 12/15 k. 23 isig. 18]
3. Abagcotshiweyo babuyela nini ‘emendweni yakudala,’ futhi kanjani? (Jer. 6:16) [Mar. 12, w05 11/1 k. 24 isig. 12]
4. Kungani kungase kuthiwe ‘kunebhalsamu eGileyadi’ namuhla? (Jer. 8:22) [Mar. 19, w10 6/1 k. 22 isig. 3–k. 23 isig. 4]
5. UJehova ‘uzisola’ ngayiphi indlela uma eye wamemezela isahlulelo? (Jer. 18:7, 8) [Apr. 2, jr k. 151, ibhokisi]
6. UJehova wamkhohlisa kanjani uJeremiya, futhi isiphi isifundo esingasifunda kulokhu? (Jer. 20:7) [Apr. 2, jr k. 36 isig. 8]
7. Izitha zika-Israyeli zangcweliswa ngamuphi umqondo? (Jer. 22:6-9) [Apr. 9, it-2-E k. 1166 isig. 8]
8. Kungani uJehova ayengasho kufanele kubantu bakhe basendulo ukuthi, “ngikudonse ngomusa wothando”? (Jer. 31:3) [Apr. 23, jr kk. 142-145 izig. 8-11]
9. Umthetho kaNkulunkulu ulotshwa kanjani ezinhliziyweni? (Jer. 31:33) [Apr. 23, w07 3/15 k. 11 isig. 2]
10. 10. Yayiyini injongo yokwenza amatayitela amabili esivumelwaneni esisodwa sokuthengiselana? (Jer. 32:10-15) [Apr. 30, w07 3/15 k. 11 isig. 3]