Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/12 k. 1
  • Qondisa Amagalelo Akho Ngokuhlakanipha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Qondisa Amagalelo Akho Ngokuhlakanipha
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Uyozuza Ngokuba Nensimu Yakho Siqu?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Ingabe Unensimu Yakho Siqu?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Sebenzela Ukuphumelela Enkonzweni Yakho
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Izindlela Zokushumayela Izindaba Ezinhle
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
km 1/12 k. 1

Qondisa Amagalelo Akho Ngokuhlakanipha

1. Eyokuqala kwabaseKorinte 9:26 isebenza kanjani enkonzweni?

1 Umphostoli uPawulu wabhala: “Indlela engigijima ngayo akuyona engaqinisekile; indlela engiqondisa ngayo amagalelo ami ingeyokuba ngingashayi umoya.” (1 Kor. 9:26) UPawulu wayebhekisele ekugxiliseni ingqondo yakhe ekuphishekeleni izinto ezingokomoya. Kodwa, la mazwi ayasebenza nasenkonzweni. Sifuna ukuqondisa “amagalelo” ethu noma imizamo ngokuhlakanipha ukuze kufeze okuhle. Kanjani?

2. Singamlingisa kanjani uPawulu nabanye abavangeli bangekhulu lokuqala ekukhetheni isikhathi nendawo esishumayela kuyo?

2 Yiya Lapho Kunabantu Khona: UPawulu nabanye abavangeli bangekhulu lokuqala bashumayela lapho babelindele ukuthola khona abantu. (IzE. 5:42; 16:13; 17:17) Ngakho uma abantu abaningi ensimini yethu beba semakhaya kusihlwa, lesi kungaba isikhathi esikahle sokwenza indlu ngendlu. Ingabe isitobhi sebhasi noma isiteshi sesitimela siyaphithizela ekuseni nantambama lapho abantu beya noma bebuya emsebenzini? Kunini lapho izindawo zokuthenga ziba nabantu abaningi khona? Ukushumayela emgwaqweni kungase kuphumelele kakhudlwana phakathi nalezi zikhathi.

3. Singawaqondisa kanjani amagalelo ethu ngokuhlakanipha endleleni esisebenza ngayo insimu yethu?

3 Sebenza Insimu Ngokuhlakanipha: Kufanele siqaphe ukuze siwaqondise ngokuhlakanipha amagalelo ethu endleleni esisebenza ngayo insimu. Ngokwesibonelo, kunokuba iqembu elikhulu liye endaweni eyodwa, lapho kungase kudingeke isikhathi namandla engeziwe ukulihlela nokuligcina limatasa, kungase kube ngcono ukulihlukanisa. Ngokufanayo, lapho sisebenza insimu yasemaphandleni, siyoyihlanganisa ngokushesha futhi sibe namathuba engeziwe okukhuluma uma engemakhulu amaqembu ahamba ngezimoto. Singazitholela yini insimu yomuntu siqu eseduze nalapho sihlala khona, okunganciphisa isikhathi esidliwa ukuhamba?

4. Yini eyosisiza sibe ‘abadobi babantu’ abaphumelelayo?

4 UJesu wafanisa abavangeli ‘nabadobi babantu.’ (Marku 1:17) Injongo yomdobi akukhona nje ukuphonsa udobo, kodwa ukubamba inhlanzi. Ngakho-ke, abadobi abaphumelelayo baya ngesikhathi esifanele lapho belindele ukuthola khona izinhlanzi, futhi baqala ukudoba ngokushesha. Yebo, bazama ngokuhlakanipha. Kwangathi nathi singabonisa intshiseko efanayo enkonzweni yethu.—Heb. 6:11.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela