IZaziso
◼ Isipho senyanga ngo-November: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho kuboniswe khona isithakazelo, hambisa ipheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? bese wenza umzamo wokuqala isifundo seBhayibheli. Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Lapho kunezingane khona, kungahanjiswa ethi Funda KuMfundisi Omkhulu noma INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Ngo-January: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-February: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya.
◼ Iminikelo yomsebenzi womhlaba wonke ethunyelwa ngokuqondile ehhovisi legatsha kufanele ithunyelwe egameni le “Watchtower Society.” Ikheli lomnyango wehhovisi legatsha onakekela izimali lithi Watchtower, c/o Accounting Office, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa.