IZaziso
◼ Isipho senyanga ngo-October nango-November: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho kuboniswe khona isithakazelo, hambisa ipheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? bese wenza umzamo wokuqala isifundo seBhayibheli. Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Uma kunezingane emkhayeni, kungahanjiswa ethi Funda KuMfundisi Omkhulu noma INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Ngo-January: Lifundisani Ngempela IBhayibheli?