Amazwibela Ombiko Wenkonzo
IBotswana ibike inani elisha eliphakeme lamaphayona avamile angu-160. ILesotho ibike amanani amabili amasha abamemezeli abangu-3 783 namaphayona avamile angu-406, futhi kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezingu-6 301, okubonisa ukuthi basebaningi abantu abathambekele ngokufanele ekukhulekeleni uNkulunkulu weqiniso eLesotho.