Ungahlanganyela Yini Enkonzweni NgamaSonto?
1. Singafundani kulokho okwenziwa uPawulu nabangane bakhe eFilipi?
1 KwakuyiSabatha, usuku amaJuda amaningi aseFilipi ayephumula ngalo. UPawulu nayehamba nabo babevakashele lo muzi phakathi nolunye uhambo lwabo lwezithunywa zevangeli. Akekho owayengabagxeka uma bephumula ngemva kwenkonzo yabo enzima yangalolo suku. Nokho, babazi ukuthi amaJuda ayehlangana ngaphandle komuzi ukuze athandaze, ngakho basebenzisa lelo thuba ukuze bashumayele kuwo. Yeka indlela uPawulu nabangane bakhe okumelwe ukuba bajabula ngayo lapho uLidiya elalela futhi bonke abendlu yakhe bebhapathizwa! (IzE. 16:13-15) Njengoba abaningi namuhla bephumula ngamaSonto, kungani ungasebenzisi ingxenye yalolu suku ukuze ushumayele kubo?
2. Yiziphi izinselele abantu bakaJehova abazinqobile ukuze bakwazi ukushumayela ngamaSonto ngaphandle kokuhlukunyezwa?
2 Ukulwela Ukushumayela NgamaSonto: Phakathi no-1927, abantu bakaJehova bakhuthazwa ukuba bachithe ingxenye ethile yosuku lwangeSonto enkonzweni. Lokhu kwavele kwaholela ekuphikisweni. Abaningi baboshwa e-United States ngokwephula umthetho weSabatha langeSonto, ukuphazamisa ukuthula nokuthengisa ngaphandle kwemvume. Kodwa abantu bakaNkulunkulu abazange bayeke. Ngawo-1930, bahlela “imikhankaso ehlukahlukene,” lapho abamemezeli basemabandleni akhelene babehlangana ukuze bahlanganise insimu. Ngezikhathi ezithile lapho abamemezeli babeboshwa khona, babesuke bebaningi kakhulu kangangokuba iziphathimandla zazivele zixakeke. Ingabe ukwazisa ngempela lokho kuzidela kwabafowethu ukuze sikwazi ukushumayela ngamaSonto ngaphandle kokuhlukunyezwa?
3. Yini eyenza usuku lwangeSonto lube usuku oluhle kakhulu lokushumayela?
3 Usuku Oluhle Kakhulu Lokushumayela: Abantu abaningi basuke besemakhaya ngamaSonto. Ngokuvamile basuke beziphumulele. Abanye abasontayo bangase bakulungele kakhudlwana ukuxoxa ngoNkulunkulu ngalolu suku. Uma imihlangano yethu ingeSonto, sisuke sigqoke ngendlela esigqoka ngayo uma siya ensimini, khona-ke kungani ungahleli ukuya enkonzweni ngaphambi noma ngemva komhlangano? Uma kudingeka, ungaziphathela ukudla okulula.
4. Iyiphi injabulo esingaba nayo uma sisebenzisa ingxenye ethile yosuku lwangeSonto enkonzweni?
4 Uma sisebenzisa ingxenye ethile yosuku lwangeSonto ensimini, siyoba naso futhi nesikhathi sokuphumula esisidingayo. Ukuphumula kwethu kuyohambisana nokwaneliseka okulethwa ukuhlanganyela enkonzweni engcwele. (IzAga 19:29) Singathola ngisho nenjabulo yokuthola othile ofana noLidiya!