“Ukukhanya Kwenu Makukhanye”
1. Yini esinelungelo lokuyabela abanye?
1 Kusukela ekuntweleni kokusa kuze kuyoshona ilanga, ubuhle bokukhanya budumisa uJehova uNkulunkulu. Nokho, kwakungolunye uhlobo lokukhanya uJesu amema abalandeli bakhe ukuba babe nalo—‘ukukhanya kokuphila.’ (Joh. 8:12) Ukuba nalokhu kukhanya okungokomoya kuyilungelo elikhethekile elihambisana nomthwalo wemfanelo ongathi sina. UJesu wayala: “Ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu,” ngaleyo ndlela kuzuze abanye. (Math. 5:16) Kulobu bumnyama banamuhla obukhulu obungokomoya, lokhu kukhanya kumelwe kudluliselwe kwabanye futhi isidingo salokhu sikhulu kunanini ngaphambili! NjengamaKristu, singakwenza kanjani ukukhanya kwethu kukhanye?
2. UJesu wakubonisa kanjani ukubaluleka kokuhlanganyela ukukhanya okungokomoya nabanye?
2 Ngokushumayela: UJesu wasebenzisa isikhathi sakhe, amandla nezinto zakhe ukuze enze ukukhanya kweqiniso kwaziwe abantu emakhaya abo, ezindaweni zomphakathi, phezu kwezintaba—nomaphi lapho babengatholakala khona. Wayeziqaphela izinzuzo ezihlala njalo zokunikeza ukukhanyiselwa kwangempela okungokomoya. (Joh. 12:46) Ukuze kufinyelelwe abantu abengeziwe, uJesu walungiselela abafundi bakhe ukuba babe ‘ukukhanya kwezwe.’ (Math. 5:14) Benza ukukhanya kwabo kukhanye ngokwenza okuhle komakhelwane babo nangokuhlanganyela nabo amaqiniso angokomoya.
3. Singakubonisa kanjani ukwazisa okuqotho ngokukhanya kweqiniso?
3 Abantu bakaNkulunkulu abawuthathi kancane umthwalo wabo wemfanelo ‘wokuhamba njengabantwana bokukhanya,’ futhi bashumayela nomaphi lapho abantu betholakala khona. (Efe. 5:8) Ukufunda nje iBhayibheli noma ezinye izincwadi zobuKristu lapho sibonwa abanye ngesikhathi sekhefu emsebenzini noma esikoleni kungavula indlela yokuba nengxoxo engokomBhalo. Omunye udade osemncane wasiqala ngale ndlela isifundo seBhayibheli futhi wahambisela afunda nabo izincwadi ezingu-12!
4. Kungani ‘ukwenza ukukhanya kwethu kukhanye’ kuhlanganisa nokuziphatha okuyisibonelo?
4 Ngemisebenzi Emihle: Ukwenza ukukhanya kwethu kukhanye kuhlanganisa nokuziphatha kwethu kwansuku zonke. (Efe. 5:9) Emsebenzini, esikoleni nakwezinye izindawo zomphakathi, ukuziphatha kwamaKristu kwehlukile futhi kuvula amathuba okuhlanganyela iqiniso leBhayibheli nabanye. (1 Pet. 2:12) Ngokwesibonelo, ukuziphatha okuhle komfana oneminyaka emihlanu kwenza uthisha wabiza abazali bakhe. Wathi: “Angikaze ngiyibone ingane ezimisele ukuziphatha kahle ngale ndlela!” Yebo, inkonzo yethu nokuziphatha okuhle kudonsela abantu ‘ekukhanyeni kokuphila’ futhi kudumisa uNkulunkulu wethu.