IZaziso
◼ Isipho sika-February: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Ngo-March: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-April nango-May: INqabayokulinda ne-Phaphama!
◼ Inkulumo yeningi ekhethekile yenkathi yeSikhumbuzo ngo-2011 izoba nesihloko esithi “Ingabe Izimiso ZeBhayibheli Zingasisiza Ekubhekaneni Nezinkinga Namuhla?”
◼ Akukho mihlangano okufanele ibe khona ngeSonto ngo-April 17, okuwusuku lweSikhumbuzo, ngaphandle kweyenkonzo yasensimini. Amabandla avame ukuba nomhlangano webandla ngalolo suku kufanele awubambe ngolunye usuku kulelo sonto. Ezindaweni lapho amabandla amaningana ehlanganyela khona iHholo LoMbuso futhi kungenakwenzeka ukuba umhlangano utholelwe olunye usuku, kufanele uvele uyekwe. Ezimweni ezinjalo, imikhaya ikhuthazwa ukuba ihlole iSifundo Se-Nqabayokulinda ngobusuku bayo bokuKhulekela Komkhaya.
◼ Abadala kufanele baphothule amalungiselelo omkhankaso wensimu engabelwe ezoba ngo-March, ngo-April nango-May, 2011. Sicela niqiniseke ukuthi ibandla linezincwadi ezanele, futhi lazi kahle ukuthi iziphi izinsuku ezikhethiwe, indawo yensimu engabelwe, amalungiselelo okulala nawokuhamba. Amabandla angayi ensimini engabelwe kufanele agxile kakhulu ensimini engasetshenzwa njalo.