Uchungechunge Olusha Lokuqala Izifundo ZeBhayibheli
1. Yiluphi uchungechunge olusha oluzotholakala kuyi-Nqabayokulinda yomphakathi, futhi luklanywe kanjani?
1 Kusukela ngenyanga ezayo, kuzoba nochungechunge olusha kuyi-Nqabayokulinda yomphakathi oluzosisiza ekuqaleni izifundo zeBhayibheli. Lunesihloko esithi “Fundiswa YiZwi LikaNkulunkulu.” Nakuba abanye beyokujabulela ukuzifundela izihloko zalolu chungechunge, kodwa ziklanyelwe ukuba kuxoxwe ngazo nomninikhaya.
2. Yiziphi ezinye zezinto ezizotholakala kulezi zihloko?
2 Okukulolu Chungechunge: Isihloko nezihlokwana ziyimibuzo ebhekiswa kumninikhaya phakathi nengxoxo. ImiBhalo eyinhloko ayicashunwanga kodwa ikhonjiwe ukuze umninikhaya akwazi ukuyifunda ngokuqondile emakhasini eZwi likaNkulunkulu. Izigaba zimfushane ukuze sikwazi ukuxoxa ngazo sisemnyango. Isihloko ngasinye sibhekisela encwadini ethi Okufundiswa IBhayibheli ukuze ukwazi ukuqhuba isifundo ngayo lapho sekufanele.
3. Lapho sisendlini ngendlu, singalusebenzisa kanjani lolu chungechunge ekuqaleni isifundo seBhayibheli emnyango?
3 Indlela Yokuzisebenzisa: Lapho uhambisa omagazini ungase ubuze umbuzo ovusa isithakazelo ngesihloko salolu chungechunge. Ngokwesibonelo, umagazini ka-January 1 ukhuluma ngokubaluleka kweBhayibheli. Ungase ubuze: “Ingabe iBhayibheli ulibheka njengeZwi likaNkulunkulu noma njengencwadi nje enhle? [Lindela impendulo.] Nginokuthile ongase ukujabulele ngokuphathelene nale ndaba.” Mbonise umbuzo wokuqala, ufunde isigaba sokuqala, bese ufunda umBhalo okhonjiwe. Funda umbuzo futhi, bese ucela uvo lomninikhaya. Khulumela amaphuzu ngokuvumelana nesikhathi onaso, usebenzise imibuzo enezinombolo njengamaphuzu ayinhloko. Ngaphambi kokuba uhambe, bhekisela embuzweni olandelayo onenombolo bese wenza izinhlelo ezifanele zokubuya uzowuphendula. Buyela niyoxoxa ngezihloko ezengeziwe isonto ngalinye kuze kube yilapho umlethela umagazini olandelayo. Okunye ongakwenza, ukuvele ucele ngokuqondile ukufunda iBhayibheli nomninikhaya. Yibe ususebenzisa isihloko esikumagazini ukuze ubonise ukuthi isifundo siqhutshwa kanjani.
4. Singazisebenzisa kanjani lezi zihloko lapho senza izimpindelo?
4 Ungalusebenzisa lolu chungechunge emzileni wakho kamagazini nakwezinye izimpindelo. Ungase uthi: “Kunokuthile okusha kuyi-Nqabayokulinda. Ngicela ukukubonisa indlela okusebenza ngayo.” Sithandazela ukuba lolu chungechunge olusha lusize abaningi ukuba ‘bafinyelele olwazini olunembile lweqiniso.’—1 Thim. 2:4.