Lisebenzise Njalo
1. Ipheshana elithi Ukwazi Iqiniso, liwusizo kuphi?
1 Ipheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? lilungiselelwe ukusisiza ukuba siqale izifundo zeBhayibheli. Kodwa futhi liyithuluzi elihle esingalisebenzisa ekusakazeni imbewu yeqiniso. (UmSh. 11:6) Nakhu okunye ukusikisela okungasisiza silisebenzise kahle.
2. Singalisebenzisa kanjani leli pheshana ekuqaleni ingxoxo?
2 Ukuqala Ingxoxo: Ungase unike umninikhaya leli pheshana, umkhombise imibuzo eyisithupha esekhasini elingaphandle, bese umbuza: “Yimiphi kule mibuzo owake wazibuza yona?” Ngemva kokuba esephendulile, hlolani impendulo yeBhayibheli esepheshaneni yomunye wemibuzo yakhe, ngemva kwalokho nifunde umBhalo okhonjiwe. Funda noma ukhulumele kafushane ikhasi elingemuva, ungabe usumnikeza incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Ngisho noma engayamukeli incwadi, uyobe elithathile ipheshana, okungenza iqiniso litshaleke enhliziyweni yakhe.—Math. 13:23.
3. Uma umninikhaya ematasa, yini ongase uyenze?
3 Uma Umninikhaya Ematasa: Ungase uthi: “Kubonakala sengathi ngifike ngesikhathi esingesihle, ngicela ukukushiyela leli pheshana. Linemibuzo eyisithupha iningi lethu eliye lazibuza yona futhi linikeza impendulo eqondile yeBhayibheli yombuzo ngamunye. Lapho siphinde sibonana, ngiyothanda ukwazi ukuthi ucabangani.”
4. Yini esingase siyisho lapho sihambisa ipheshana emgwaqweni?
4 Lapho Ushumayela Emgwaqweni: Ungase uthi: “Sawubona. Ingabe wake wazibuza omunye wale mibuzo? [Lindela impendulo.] Leli pheshana libonisa izimpendulo ezicacile nezanelisayo ezitholakala eBhayibhelini.” Uma umuntu engajahile, ningase nixoxe ngenye yezimpendulo ezisepheshaneni uze umhambisele ngisho nencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli.
5. Singalisebenzisa kanjani ngezinye izikhathi ipheshana emizini engenamuntu?
5 Uma Kungenamuntu Ekhaya: Kwamanye amasimu, abamemezeli ngokuvamile bashiya okuthile kokufunda endaweni esithekile uma kungekho muntu ekhaya. Uma lokhu kuvamile ebandleni lakini, kungani ungazijwayezi ukushiya ipheshana elithi Ukwazi Iqiniso. Lapho ubuyela ungase uthi: “Ngesikhathi silapha ngokudlule, wawungekho, ngakho sashiya ipheshana emnyango. Imuphi kule mibuzo ongathanda ukuba uphendulwe?”
6. Yini eyenza ipheshana elithi Ukwazi Iqiniso libe ithuluzi lokushumayela eliphumelelayo?
6 Ipheshana elithi Ukwazi Iqiniso libeka iqiniso ngendlela elula neqondile. Likhanga abantu bazo zonke izinkolo namasiko. Kulula ukulihambisa; abasebancane nabamemezeli abasha nabo bangalihambisa. Ingabe ulisebenzisa njalo uma kufaneleka?