The Bible—Accurate History, Reliable Prophecy
Yibuphi ubufakazi obubonisa ukuthi iBhayibheli linomlando onembile? Yiziphi iziprofetho zeBhayibheli esezigcwalisekile ezisinika isiqinisekiso sokuthi iziprofetho zesikhathi esizayo nazo ziyogcwaliseka? Le mibuzo iphendulwa kuyi-DVD ethi The Bible—A Book of Fact and Prophecy, esihlokweni sesithathu esithi The Bible—Accurate History, Reliable Prophecy. Ngemva kokubuka le-video, ingabe ungayiphendula le mibuzo elandelayo?
(1) Ubani onguMthombo wokwaziswa okunokwethenjelwa okuseBhayibhelini? (Dan. 2:28) (2) IBhayibheli liwunikeza kanjani umbono onembile ngeGibhithe lasendulo, futhi isiprofetho esiku-Isaya 19:3, 4 saba kanjani yiqiniso? (3) Imivubukulo ikufakazele kanjani ukulandisa kweBhayibheli nge-Asiriya, amakhosi alo kanye nokuphela kwalo? (Nah. 3:1, 7, 13) (4) Iziphi iziprofetho eziphathelene neBhabhiloni ezibe yiqiniso? (Jer. 20:4; 50:38; 51:30) (5) Iziphi iziprofetho eziphathelene namaMede namaPheresiya eziye zagcwaliseka? (Isaya 44:28) (6) UDaniyeli 7:6 no-8:5, 8 wagcwaliseka kanjani ngokuqondene neGrisi? (7) UDaniyeli 7:7 wagcwaliseka kanjani maqondana nokuvela kweRoma njengombuso womhlaba? (8) Yibaphi oKhesari okukhulunywa ngabo eBhayibhelini? (9) Kwenzekani kumaKristu ngaphansi kokubusa kukaNero? (10) Iziprofetho ezitholakala kusAmbulo 13:11 no-17:10 zagcwaliseka kanjani? (11) Ingubani inkosi yesishiyagalombili? (12) Iziphi izigcawu kule video ezifakazela ukuba yiqiniso komShumayeli 8:9? (13) Iziphi iziprofetho eziphathelene nekusasa olangazelela ukuzibona zigcwaliseka? (14) Ungayisebenzisa kanjani le video ukuqinisekisa abanye ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu ngempela?