Ungasiqala Yini Isifundo SeBhayibheli Ngo-October?
1. Yisiphi isipho sika-October?
1 Isipho sango-October omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Ukuze silandelele isithakazelo, sikhuthazwa ukuba sihambise ipheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? bese sizama ukuqala isifundo seBhayibheli. Singakwenza kanjani lokho lapho senza impindelo?
2. Singalisebenzisa kanjani ipheshana elithi Ukwazi Iqiniso ukuze siqale isifundo seBhayibheli lapho siphindela kothile owamukela omagazini?
2 Indlela Yokusebenzisa Leli Pheshana: Singase sithi: “Omagazini engakushiyela bona bakhuthaza abantu abavela kuzo zonke izizinda nezinkolo ukuba bahlole iBhayibheli. [Nikeza umninikhaya ipheshana elithi Ukwazi Iqiniso, bese umbonisa imibuzo esekhasini lokuqala.] Nansi imibuzo eshukumisa ingqondo iBhayibheli elinezimpendulo zayo ezanelisayo. Ingabe ukhona owake wawubuza kule mibuzo?” Ngemva kokuzwa impendulo yomninikhaya, hlolani ndawonye epheshaneni impendulo yomunye wemibuzo yakhe, bese nifunda omunye wemiBhalo ekhonjiwe. Yibe usuchaza ukuthi lokhu kumane nje kungamazwibela alokho okufundiswa yiBhayibheli, bese umnika incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Ungabe usuxoxa naye ngezigaba zokuqala zesahluko azikhethele sona ohlwini lokuphakathi. Noma ungase ukhethe ukuvula lapho kunokwaziswa okwengeziwe okuphathelene nendaba enixoxe ngayo epheshaneni. Nazi izikhombo esingase sizisebenzise:
● Ingabe uNkulunkulu uyasikhathalela ngempela? (kk. 9-11, izig. 6-10)
● Ingabe impi nokuhlupheka kuyoke kuphele? (k. 12, izig. 12-13)
● Kwenzekani kithi lapho sifa? (kk. 59-60, izig. 7-8)
● Ingabe likhona ithemba ngabafileyo? (k. 71, izig. 13-15)
● Ngingathandaza kanjani futhi ngizwiwe uNkulunkulu? (kk. 166-167, izig. 5-8)
● Ngingayithola kanjani injabulo ekuphileni? (k. 9, izig. 4-5)
3. Singakushintshashintsha kanjani esikwenzayo ngokuvumelana nezimo?
3 Yiqiniso, uma izimo zingasivumeli ukuba siqale futhi sibonise ukuthi isifundo siqhutshwa kanjani ngencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli lapho siqala ukwenza impindelo, singenza amalungiselelo okubuya futhi siqhubeke nengxoxo. Kuye ngesithakazelo somuntu, singase sikhethe nokuxoxa ngemibuzo engaphezu kowodwa epheshaneni izikhathi ezimbalwa ngaphambi kokuba sidlulele encwadini. Kwangathi singalisebenzisa kahle leli pheshana eliwusizo ngo-October ukuze siqale isifundo seBhayibheli futhi sisize abanhliziyo ziqotho ukuba ‘bazi iqiniso.’—Johane 8:31, 32.