Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/10 k. 4
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
km 9/10 k. 4

IZaziso

◼ Ngo-September: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Zamani ukuqala izifundo zeBhayibheli ekuhambeleni kokuqala. Ngo-October: INqabayokulinda ne-Phaphama! Uma kuboniswa isithakazelo, hambisani ipheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? futhi nizame ukuqala izifundo zeBhayibheli. Ngo-November: IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo? Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Uma kunezingane kulowo muzi, kungase kuhanjiswe incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu.

◼ Inkulumo yeningi ekhethekile yangenkathi yeSikhumbuzo sika-2011 iyonikezwa ngesonto lika-April 25, 2011. Isihloko sale nkulumo siyomenyezelwa kamuva. Amabandla ahanjelwe umbonisi wesifunda noma anomhlangano wesifunda ngaleyo mpelasonto ayoba nenkulumo ekhethekile esontweni elilandelayo. Alikho ibandla okufanele libe nenkulumo ekhethekile ngaphambi kuka-April 25.

◼ Kusukela ngesonto lika-March 14, 2011, kuyofundwa incwadi ethi ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu eSifundweni SeBhayibheli Sebandla. Amabandla adinga lezi zincwadi kufanele azifake e-odeni lawo elilandelayo.

◼ Umhlangano wesigodi waseQuthing (wesiSuthu) usushintshelwe kumhla ka-8-10 October, 2010.

◼ Kuyinjabulo ukubika ukuthi kunikezelwe amaHholo OMbuso ayisithupha ezinyangeni zamuva nje: ElaseDlangubo (Empangeni), elaKwaDukuza (eStanger), elaseMohale’s Hoek (eLesotho), elasePetrus Steyn (eFree State), elaseReagile (eKoster) nelaseMlazi Emandleni (eThekwini). Sibonga wonke amavolontiya asize ekwakhiweni kwala mahholo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela