Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/10 k. 8
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
km 7/10 k. 8

IZaziso

◼ Isipho ngo-July nango-August: Ungaba Umngane KaNkulunkulu! nethi Indlela Eya Ekuphileni—Ingabe Usuyitholile? nanoma iyiphi enye incwajana ehanjiswa ensimini ibandla elinayo esitokweni. Ibandla elinencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? lingayihambisa. Ngo-September: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Zamani ukuqala izifundo zeBhayibheli ekuhambeleni kokuqala. Ngo-October: INqabayokulinda ne-Phaphama! Uma kuboniswa isithakazelo, hambisani ipheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? futhi nizame ukuqala izifundo zeBhayibheli.

◼ Siyajabula ukubika ukuthi umkhankaso wensimu engabelwe ka-2009 wasekelwa kahle kakhulu. UJehova wayibusisa imizamo yabamemezeli abangu-10 942 basemabandleni angu-293 eBotswana, eLesotho, eNamibia, eNingizimu Afrika naseSwazini abahlanganyela kulo mkhankaso. Umsebenzi wabo waphumela ekuhanjisweni kwezincwadi ezingu-12 344, izincwajana ezingu-38 865 nomagazini abangu-84- 868. Bachitha amahora angu-84 174 ensimini futhi benza izimpindelo ezingu-4 895, kwaqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezingu-711. Sibheke phambili ngokulangazela okukhulu emkhankasweni wensimu engabelwe ka-2011.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela