Izikhonzi EzingamaKristu Kudingeka Zithandaze
1. Yini edingekayo ukuze sifeze inkonzo yethu?
1 Ngeke sikwazi ukufeza inkonzo ngamandla ethu. UJehova usinika amandla okwenza lo msebenzi. (Fil. 4:13) Usebenzisa izingelosi zakhe ukuze zisisize sithole abanjengezimvu. (IsAm. 14:6, 7) NguJehova owenza ukuba imbewu yeqiniso esiyitshalayo futhi siyinisele ikhule. (1 Kor. 3:6, 9) Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba izikhonzi ezingamaKristu zincike kuBaba wethu wasezulwini ngomthandazo!
2. Iziphi ezinye izinto esingazithandazela?
2 Masizithandazele Thina Ngokwethu: Kufanele sithandaze isikhathi ngasinye lapho sishumayela. (Efe. 6:18) Iziphi izinto okufanele sizithandazele? Singathandazela ukuba nombono oqondile ngensimu yethu kanye nokuba nesibindi. (IzE. 4:29) Kufanele sicele uJehova ukuba asiqondise kubantu abanhliziyo ziqotho esingase sifunde nabo iBhayibheli. Uma umninikhaya esibuza umbuzo, singenza umthandazo omfushane buthule sicele uJehova ukuba asisize sinikeze impendulo efanelekile. (Neh. 2:4) Singacela nokuhlakanipha kokugcina inkonzo yethu iza kuqala. (Jak. 1:5) Ngaphezu kwalokho, uJehova uyajabula uma sihlanganisa namazwi okubonga ngelungelo lokuba izikhonzi zakhe.—Kol. 3:15.
3. Ukuthandazela abanye kuwuthuthukisa kanjani umsebenzi wokushumayela?
3 Masithandazele Abanye: Kufanele ‘sithandazelane,’ size sibize abanye ngamagama uma kufaneleka. (Jak. 5:16; IzE. 12:5) Ingabe impilo ebuthaka ilinganisela lokho okwazi ukukwenza emsebenzini wokushumayela? Khona-ke, thandazela ezinye izikhonzi eziyimiqemane. Ungakuthathi kalula lokho umthandazo wakho ongazenzela khona! Kuyafaneleka nokuthandazela ukuba iziphathimandla zibe nesimo esihle sengqondo ngomsebenzi wokushumayela, ukuze abafowethu ‘baqhubeke bephila ukuphila okuzolile nokunokuthula.’—1 Thim. 2:1, 2.
4. Kungani kufanele siphikelele emthandazweni?
4 Ukumemezela izindaba ezinhle emhlabeni wonke owakhiwe kuyisabelo esikhulu. Uma ‘siphikelela emthandazweni,’ siyowufeza lo msebenzi ngosizo lukaJehova.—Roma 12:12.