IZaziso
◼ Isipho sango-March: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Zamani ukuqala izifundo zeBhayibheli lapho nihambisa le ncwadi noma lapho umninikhaya esenayo kakade. Ngo-April nango-May: INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-June: Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
◼ ISikhumbuzo sizoba ngoLwesibili, March 30, 2010. Izingoma okufanele zisetshenziswe eSikhumbuzweni iNgoma 87 no-105. Uma ibandla lakini livame ukuba nomhlangano ngoLwesibili, kufanele kwenziwe umzamo wokuqhuba umhlangano ngolunye usuku phakathi nesonto. Uma kunamabandla amaningi asebenzisa iHholo LoMbuso futhi kungenandlela yokuhlela esinye isikhathi somhlangano, ungase ukhanselwe. Izinkulumo zoMhlangano Wenkonzo ezisebenza ngokuqondile ebandleni lakini zingahlanganiswa komunye uMhlangano Wenkonzo.
◼ Kunikezelwe amaHholo OMbuso angu-11 muva nje: ElaseMatata (ngaseNanda), elaseBlairgowrie (eGoli), elase-Edendale South (eMgungundlovu), elaseNanda East nelaseNchanga (eThekwini), elaseLuganda (ePinetown), elaseMpophomeni (eHowick), elaseMpumalanga West (eHammarsdale), elaseRosh Pinah (eNamibia), elaseSobantu (eMgungundlovu), nelaseShabhu (eBulwer).