IZaziso
◼ Incwadi ezohanjiswa ngo-January: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-February: Sondela KuJehova noma Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya Ngo-March: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-April no-May: INqabayokulinda ne-Phaphama!
◼ Kusukela ngo-February, inkulumo yeningi entsha yababonisi besifunda izoba nesihloko esithi “Lokho UMbuso KaNkulunkulu Osenzela Khona Manje.”
◼ Kunikezelwe amaHholo OMbuso ayisithupha kulezi zinyanga zamuva. Sijabula kanye nala mabandla, elaseMooiplaas (Elukwatini), elaseNqutu, elaseSt. Chad’s (Ezakheni), elasePeacetown nelaseWatersmeet (eLadysmith), nelaseWembesi (Estcourt).
◼ Sicela nibhalele Umnyango Wokwakhiwa KwamaHholo OMbuso ukuze nithole imvume ngaphambi kokuthola isiza sokwakha iHholo LoMbuso, ukwakhiwa kweHholo LoMbuso noma ukwenza umsebenzi omkhulu wokulungisa ihholo elikhona kakade. Njengoba iNdikimba Ebusayo ithi amaHholo OMbuso kufanele asetshenziswe ngokugcwele, amaHholo OMbuso amasha kufanele abe sendaweni efinyelelekayo kubo bonke ukuze asetshenziswe amabandla ahlukahlukene.