Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/09 k. 4
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
km 12/09 k. 4

IZaziso

◼ Incwadi ezohanjiswa ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Uma kunezingane, ungahambisa incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu. Ngo-January: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-February: Sondela KuNkulunkulu noma Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Ngo-March: Lifundisani Ngempela IBhayibheli?

◼ ISikhumbuzo sangonyaka ka-2011 siyoba ngeSonto, ngo-April 17, ngemva kokushona kwelanga. Sitshelwa kusenesikhathi ukuze abazalwane benze amalungiselelo adingekayo ukuze bathole amahholo noma ezinye izindawo uma kunamabandla amaningi asebenzisa iHholo LoMbuso elilodwa.

◼ Izimemo zeSikhumbuzo zika-2010 ngolimi olusetshenziswa kakhulu ensimini yebandla ziyothunyelwa ngokushesha. Uma kunezinye izilimi ezisetshenziswa ensimini yenu futhi eningathanda ukuthola izimemo ngazo, kuyofanele nifake isicelo ngokushesha okukhulu nge-Literature Request Form (S-14). Uhlu lwezilimi izimemo zeSikhumbuzo eziyotholakala ngazo ziboniswe encwadini yezamuva mayelana nezincwadi, yango-November 1, 2009.

◼ Kunikezelwe amaHholo OMbuso amane ezinyangeni zamuva. Sijabula nala mabandla, iKwamusi (eMpumalanga), iNdevana nePeelton (endaweni yaseKing William’s Town) neTsumeb (eNamibia) njengoba ezosebenzisa amaHholo awo oMbuso amasha ekukhulekeleni uJehova.

◼ Kusukela ngo-September 2010 yonke imihlangano yesigodi ngaphansi kwegatsha laseNingizimu Afrika iyoba phakathi kuka-September no-October. Izinsuku nezindawo le mihlangano eyoba kuzo zizomenyezelwa uma sezaziwa. U-December uyosetshenziselwa imihlangano yesifunda nemihlangano ekhethekile yosuku olulodwa. Umkhankaso wensimu engabelwe ka-2010 uyoba ngo-March, April nango-May ngo-2011.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela