IZaziso
◼ Izincwadi ezizohanjiswa ngo-November: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Lapho kukhona izingane kungashiywa incwadi ethi Ukufunda KuMfundisi Omkhulu. Ngo-January: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-February: Sondela KuJehova noma Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya.
◼ Amabandla angu-24 alandelayo ajabulele ukunikezelwa kwamaHholo awo oMbuso kulezi zinyanga ezidlulile: Elase-Annie Ville nelaseCloneen (eDannhauser), elaseBhongweni (eKokstad), elaseBilanyoni (ePaulpietersburg), elaseDicks nelaseBlaauwbosch (eNewcastle), elaseMfume (Emkhomazi), elaseMagadla (esigodini saseMatatiele), elaseMaluti nelaseTsitas’ (e-Eastern Cape), elaseMatatiele, elaseMbekweni (ePaarl), elaseMotsethabong Central (eWelkom), elaseMthambothini (eDennilton), elaseNaturena nelaseCosmo City Central (eGoli), elaseNhlophenkulu nelaseToggekry (esigodini sakwaNongoma), elasePaulpietersburg, elaseShayamoya (Emtshezi), elaseSteynsdorp (eLukwatini), elaseSibongile (eDundee), elaseTidimalo (eDelportshoop), nelase-Uitval (eMnambithi). La mabandla abonise ukwazisa okukhulu ngamavolontiya asizile ezakhiweni zawo.