Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izocatshangelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini phakathi nesonto eliqala ngo-October 26, 2009.
1. Njengoba uJehova atshela uBhalami ukuba ahambe namadoda ayethunywe uBhalaki, kungani uJehova amthukuthelela uBhalami lapho esehamba nawo? (Num. 22:20-22) [w04-ZU 8/1 k. 27 isig. 2]
2. ‘Ukungakubekezeleli’ kukaFinehasi ukuba kube khona “obangisana” noJehova kusisiza kanjani ukuba sizindle ngokuzinikezela kwethu kuJehova? (Num. 25:11) [w95-ZU 3/1 k. 16 isig. 13]
3. Kungani kwakhethwa uJoshuwa ukuba angene esikhundleni sikaMose njengomholi? (Num. 27:15-19) [w02-ZU 12/1 k. 12 isig. 1]
4. Incwadi kaNumeri 31:27 ingaba isikhuthazo kanjani kumaKristu namuhla? [w05-ZU 3/15 k. 24]
5. Ilungiselelo lemizi yesiphephelo labazuzisa ngaziphi izindlela abantu bakwa-Israyeli? (Num. 35:11, 12) [w95-ZU 11/15 k. 14 isig. 17]
6. Kungani ukuqonda kuyimfanelo ebalulekile kumaKristu, futhi kunamiphi imiphumela? (Dut. 1:13) [w03-ZU 1/15 30; w00-ZU 10/1 k. 32 izig. 1-3]
7. UMthetho KaMose wakubonisa ngaziphi izindlela ukulunga kukaNkulunkulu? (Dut. 4:8) [w02-ZU 6/1 k. 14 isig. 8–k. 15 izig. 9-10]
8. Chaza indlela efanele nengafanele yokuvivinya uJehova ngokwalokho okushiwo uDuteronomi 6:16-18. [w04-ZU 9/15 k. 27 isig. 1]
9. Amazwi kaJehova azanelisa kanjani izidingo zama-Israyeli, futhi lawo mazwi angasondla kanjani namuhla? (Dut. 8:3) [w99-ZU 8/15 kk. 25-26]
10. UDuteronomi 12:16, 24 uwuthinta kanjani umbono wethu ngezinqubo zokwelapha ezihilela ukusetshenziswa kwegazi lomuntu ngokwakhe? [w00-ZU 10/15 k. 30 isig. 7]