Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/09 k. 4
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
km 10/09 k. 4

IZaziso

◼ Izincwadi ezizohanjiswa ngo-October: INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho kuboniswe khona isithakazelo, makuhanjiswe futhi kuxoxwe ngepheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? Uma umninikhaya esenalo kakade leli pheshana, zama ukuqala isifundo seBhayibheli. Ngo-November: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Lapho kukhona izingane kungashiywa incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu. Ngo-January: Lifundisani Ngempela IBhayibheli?

◼ ISimiso Sesikole Senkonzo Esingokwasezulwini sonyaka ngeke sisakhishwa njengesenezelo kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Kunalokho, ibandla ngalinye lizothola izimiso zonyaka ezimbili futhi ikhophi eyodwa kufanele ixhonywe ebhodini lezaziso eHholo LoMbuso. Enye ikhophi kufanele igcinwe umbonisi wesikole ukuze ayisebenzisele ukwenza izabelo. Abamemezeli bazoqhubeka bethola amakhophi abo e-Nkonzo Yethu YoMbuso inyanga ngayinye, futhi izobonisa isimiso sesonto ngalinye seSifundo SeBhayibheli Sebandla, seSikole Senkonzo Esingokwasezulwini nesoMhlangano Wenkonzo.

◼ Kusukela ngesonto eliqala ngo-March 1, 2010, kuyofundwa incwadi ethi “Woza Ube Ngumlandeli Wami” eSifundweni SeBhayibheli Sebandla. Amabandla adinga lezi zincwadi kufanele azifake e-odeni lawo lezincwadi elilandelayo.

◼ U-April 17, 2010, uyoba uSuku Lukamagazini olukhethekile. Sinikhuthaza nonke ukuba niqale manje ukuhlela ukuze nibe nengxenye egcwele ngonyaka ozayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela