IZaziso
◼ Ngo-April nango-May: INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-June: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-July nango-August: Noma iyiphi kulezi zincwajana ezilandelayo ezinamakhasi angu-32: Imimoya Yabafileyo—Ingabe Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade—Ingabe Usuyitholile?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! nethi Ungaba Umngane KaNkulunkulu!
◼ La mabandla angu-9 ajabulele ukunikezelwa kwamaHholo OMbuso awo muva nje: Elase-Oshakati nelase-Onamishu (eNamibia), elaseGamalakhe nelaseBomela eduze nasePort Shepstone, elaseNdakeni eduze naseKokstad, elaseMotsethabong West (eWelkom), elaseMmotla eduze naseMabopane, elaseDawn Park (eGoli) nelaseKangala North West eduze naseBronkhorstspruit.
◼ Kwaba neMihlangano Yesigodi engu-73 ethi “Ukuqondiswa Umoya KaNkulunkulu” eNingizimu Afrika nasemazweni angomakhelwane. Ingqikithi yenani lababa khona yayingu-173 363 futhi kwabhapathizwa abangu-2 494.