Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izocatshangelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-April 27, 2009. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-20 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-March 2 kuya ku-April 27, 2009.
1. UJosefa wamelana kanjani nesilingo abhekana naso usuku nosuku? (Gen. 39:7-12) [lv-ZU k. 105 isig. 18–k. 106 isig. 20]
2. IBhayibheli lisinika kuphi ukukhanyiselwa maqondana nemikhosi yezinsuku zokuzalwa? (Gen. 40:20-22) [lv-ZU k. 150 isig. 9–k. 151 isig. 11]
3. Kukanjani uJosefa eyisibonelo esihle kakhulu sokuthethelela labo abaye basona? (Gen. 45:4, 5) [w99-ZU 1/1 k. 31 izig. 2-3]
4. Aba naliphi ithonya amazwi kaJosefa athi: “Kumelwe nithathe amathambo ami niwakhuphule niwakhiphe lapha”? (Gen. 50:25) [w07-ZU 6/1 k. 28 isig. 10]
5. Yini engasenza singazinyezi lapho sithola isabelo esiyinselele? (Eks. 4:10, 13) [w04-ZU 3/15 k. 25 isig. 4]
6. Waba yini umphumela wendlela uJehova asebenzelana ngayo noFaro, futhi lezo zenzakalo kufanele zisithinte kanjani? (Eks. 9:13-16) [w05-ZU 5/15 k. 21 isig. 8]
7. U-Eksodusi 14:30, 31 usiphathele siphi isifundo namuhla? [w04-ZU 3/15 k. 26 isig. 5]
8. Njengoba u-Eksodusi 16:1-3 ebonisa, ziyini izingozi zokukhononda? [w93-ZU 3/15 k. 21 izig. 1-3]
9. Ngokwemibandela yeSivumelwano SoMthetho ku-Eksodusi 19:5, 6, kwakungashiwo ngamuphi umqondo ukuthi ama-Israyeli ‘ayengumbuso wabapristi nesizwe esingcwele’? [w95-ZU 7/1 k. 16 isig. 8]
10. Kungamuphi umqondo umyalo weshumi ophathelene nokuhaha uyedlula kude imithetho eyenziwe abantu? (Eks. 20:17) [w06-ZU 6/15 k. 23-24 isig. 16]