IZaziso
◼ Ngo-March: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-April nango-May: INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-June: Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
◼ Omagazini abasha be-Nqabayokulinda ne-Phaphama! kufanele bakhishwe ngokushesha lapho befika. Lokho kuyonika abamemezeli ithuba lokujwayelana nabakuqukethe ngaphambi kokubahambisa enkonzweni yasensimini.
◼ Umxhumanisi wendikimba yabadala noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla zenyanga ka-December, January no-February. Akufanele kusetshenziswe umuntu ofanayo ekubaleni izimali izikhathi zilandelana. Uma ibandla linenye i-akhawunti yasebhange, njengeyokunakekela noma yokwakha ihholo, izimali zayo nazo kufanele zibalwe. Amabandla aseNingizimu Afrika kufanele athumele amarekhodi ezimali asehloliwe alezi zinyanga ezintathu ngokushesha ehhovisi legatsha. Unobhala nenceku yezimali kumelwe baqiniseke ukuthi amarekhodi ezimali aphelele futhi ahlelekile nokuthi ukwaziswa okulandelayo kuyatholakala: IPhepha Lemali (S-26), UMbiko Wezimali Zebandla Wanyanga Zonke (S-30), ama-Risidi (S-24), amarekhodi ezindleko nesitatimende sasebhange senyanga ngayinye (uma ibandla line-akhawunti yasebhange). La marekhodi kufanele abhalwe ngokucacile ukuthi Accounting Office—PBO Registration.