I-DVD Ethi The Bible—A Book of Fact and Prophecy
I-video ethi Mankind’s Oldest Modern Book iyi-video yokuqala kwamathathu atholakala kuyi-DVD ethi The Bible—A Book of Fact and Prophecy. Ngemva kokubuka le video, phendula imibuzo elandelayo:
(1) IBhayibheli livumelana ngaziphi izindlela nesayensi yanamuhla? (2) Yini esenza siqiniseke ngokuthi amaBhayibheli esinawo namuhla aqukethe imibhalo yokuqala enembile? (3) Isiphi isici esivelele semibhalo yasendulo yeBhayibheli? (4) UJohn Wycliffe, uJohannes Gutenberg, uWilliam Tyndale, uJohn Hus, uMartin Luther, uCasiodoro de Reina noCharles Taze Russell babamba liphi iqhaza ekusakazeni iZwi likaNkulunkulu emhlabeni kabanzi, futhi isonto laliphikisa kanjani ngonya iBhayibheli? (5) Iseluleko seBhayibheli esiwusizo sibasize kanjani abantu ukuba babhekane nezinkinga zempilo (IHu. 34:8), ukuluthwa ukugembula (1 Thim. 6:9, 10), ukuhlukana nokungathembeki emshadweni (1 Kor. 13:4, 5; Efe. 5:28-33), nokuphishekela ingcebo yezinto ezibonakalayo (Math. 16:26)? (6) Kunabuphi ubufakazi bokuthi ukusebenzisa izimiso ezingokomBhalo kunganqoba inzondo yobuzwe neyobuhlanga (Luka 10:27)? (7) Ukunamathela ezimisweni zeBhayibheli kukulethele kanjani wena injabulo eyengeziwe? (8) Ungayisebenzisa kanjani le video ekusizeni abanye?—Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-February 2006, ikhasi 8.