IZaziso
◼ Ngo-January: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-February: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Ngo-March: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-April nango-May: INqabayokulinda ne-Phaphama!
◼ Kusukela ngesonto lokuqala ku-March, inkulumo yeningi entsha yababonisi besifunda iyoba nesihloko esithi “Yenqaba Amaphupho Ezwe, Uphishekele Izinto Ezingokoqobo ZoMbuso.”
◼ Amabandla kufanele enze amalungiselelo afanele eSikhumbuzo salo nyaka esiyoba ngoLwesine, April 9, ngemva kokushona kwelanga. Ibandla ngalinye kufanele lizame ukuba nesalo iSikhumbuzo. Uma kunamabandla amaningana asebenzisa iHholo LoMbuso elifanayo, mhlawumbe elilodwa noma amabili angathola enye indawo ayoyisebenzisa ngalobo busuku. Uma kungenzeka, sisikisela ukuba kube nemizuzu okungenani engu-40 phakathi kwemihlangano ukuze bonke bazuze ngokugcwele ebudlelwaneni ngemva kweSikhumbuzo.
◼ Bonke abamemezeli abangakawagcwalisi amakhadi e-durable power of attorney (DPA) bakhuthazwa ukuba benzenjalo. Leli khadi le-DPA livikela ilungelo lakho lokwenqaba ukumpontshelwa igazi. Abadala bayonikeza usizo kumuntu ngamunye uma eludinga.—Bhekani isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-January 2007.